IDEDELWE ngebheyili kaR 2 000 indoda eboshelwe ukusabisa isikhulu sase-Eskom uMnuz Jan Oberholzer ngokuthi izomqhumisa ngebhomu. UMnuz Thapelo Mnisi (27) waKwaGuqa, eMpumalanga, uwuSihlalo wegatsha le-EFF endaweni kanti ubeboshwe emuva kokuba isikhulu sase-Eskom sibike ngomyalezo osisabisayo.
Ubhekene necala lokwephula umthetho weziqhumane. Kuthiwa uMnisi wayesohlelweni lokuqeqeshelwa umsebenzi wokuba wuBiolermaker enkampanini eyayinenkontileka ne-Eskom. Kuthiwa babethenjiswe ukuqashwa ngokugcwele nokuthe uma kungasenzeki lokho wathukuthela wafaka isikhalo sanganakwa wagcina esabisa isikhulu ngomyalezo.
OKlebe abebephenya lolu daba, bathi uMnisi wathumelela isikhulu se-Eskom lo myalezo ngoMeyi nonyaka kwase kuqala uphenyo bamfuna baze bamthola. Kuthiwa inombolo ayisebenzisa ethumela umyalezo ayibhalisiwe kwabe-RICA.
UMnisi uzobuyela enkantolo ngoJanuwari 17 ngonyaka ozayo kuzoqhutshekwa necala.