IBHANGE loMbuso, iSouth African Reserve Bank (Sarb), seliyalele iSteinhoff ukuba inike uhulumeni uR6 billion nenzalo yakhona okuzofakwa esikhwameni esibizwa ngeNational Reserve Fund.
IPhini loMphathi weBhange loMbuso, uNksz Fundi Tshazibana, lithe iSteinhoff nezinkampani zayo kufanele zibuyisele uhulumeni le mali kulandelwa umthetho we-Exchange Control Regulations 22B.
“Ngamandla enginikwe wona njengePhini loMphathi weSouth African Reserve Bank, ngikhipha isaziso sokuthi iSteinhoff kufanele ibuyisele imali kuhulumeni,” kusho uNksz Tshazibana kwigazethi kahulumeni.
Kuzokhumbuleka ukuthi owayeyisikhulu esiphezulu saseSteinhoff, uMnuz Markus Jooste, kwatholakala ukuthi wayengungqondongqondo ekukhwabaniseni uR200 billion wale nkampani, owashiya abantu bekhala.
Imali ebuyayo ilandwe emuva kophenyo olunzulu oluqhutshwa yiSarb ngenkohlakalo yaseSteinhoff, eyaholela ukuthi kungabi nazinzo kule nkampani ngo-2017.
UNksz Tshazibana uthe le mali okufanele ibuyele kuhulumeni kngenxa yokuthi iSteinhoff yephula umthetho wokusetshenziswa kwemali eNingizimu Afrika.
ISteinhoff yinkampani ebalulekile eNingizimu Afrika njengoba iqashe inqwaba yabantu ezitolo zezimpahla zokugqoka nezefenisha.
Okwamanje amacala ababekhwabanisa imali asaqhubeka njengoba uMnuz Ben la Grange noStehan Grobler besabhekene nawo.
UMnuz Markus Jooste wagcina ezibulele emuva kokuthola ukuthi uzoboshwa ngokukhwabanisa imali yaseSteinhoff. Wayeseyalelwe ukuba ahlawule uR475 million kwiFinancial Sector Conduct Authority ngokungalandeli imithetho yokusebenzisa imali.
ISarb ibuye yashaqa impahla yesinqandamathe sikaJooste, uNksz Berdine Odendaal (40) ebiza uR60 million. Kuthathwe nomuzi wakhe kaR18 million, kwamiswa ukuthi akhiphe imali kuma-akhawunti akhe anoR38.9 million.
UNksz Odendaal, kuthiwa wayehlomula kakhulu enkohlakalweni kaJooste njengoba isoka lakhe lalimnika uR150 000 ngenyanga.