IBLACK Business Federation (BBF) iyaziqhelisa nabantu abadicilela phansi ingqalasizinda yase-Eskom.
Ngeledlule uNgqongqoshe kagesi uDkt Kgosientsho Ramokgopa uveze ukuthi abasebenzi ababhekele ukuthengwa kwempahla e-Eskom abasolwa ngokudicilela phansi ingqalasizinda e-Eskom nabathinteka enkohlakalweni banobudlelwano nosomabhizinisi abadla umsebenzi ngodli ezinkontilekeni zaKwaZulu-Natal.
IBBF ikhiphe isitatimende iziqhelisa nalokhu njengoba ithi yize abanye beyibiza nge-construction mafia kodwa ayihlangene nabantu abadicilela phansi ingqalasizinda yase-Eskom.
Icele uRamokgopa ukuthi awahoxise amazwi okuthi kuthinteka iKZN construction mafia enkohlakalweni yase-Eskom.
Ithe kuyamangaza ukuthi kulo lonke uphenyo olwenziwa e-Eskom kuvela amagama ezinkampani zaKwaZulu-Natal njengoba sekuvumbuka ele-construction mafia.
Iveze ukuthi yona yazi ngenkohlakalo yase-Eskom lapho inkampani kasomabhizinisi omhlophe yakhokhelwa uR5 billion owengeziwe emalini okwakufanele ikhokhelwe yona kodwa namanje ayikaze ilandelelwe le nkampani.
Icele uRamokgopa ukuthi angalokothi ayimatanise nokuhluleka kukahulumeni omfake kulesi sikhundla ngokulokhu ekhomba abanye ngokumoshwa kwemali yabakhokhi bentela.
Ithe uRamokgopa kufanele alungise inkinga kagesi ephazamisa ukusebenza kwamabhizinisi ezweni jikelele.
Yamcela ukuthi eze nobufakazi ngaphambi kokusola abanye. Ixwayise ngokuthi uma engaxolisi izothatha ezinye izinyathelo.
Khonamanjalo i-Eskom ithe ilandele imigudu efanele ngaphambi kokukhipha inkontileka yokugada ingqalasizinda yayo iFidelity.
Ithe kwakuyinkontileka ephuthumayo njengoba kwakufanele kugadwe iziteshi zikagesi ngoJulayi wonyaka odlule kuze kube wuSepthemba wonyaka odlule kanti yayizodla uR500 million.
Iveze ukuthi yagcina isebenzise uR250 million. Kucelwe abanolwazi ngenkohlakalo nezinye izinsolo ezithunyelwe kwabezindaba ukuthi babikele amaphoyisa noma bashayele u-0800 11 27 22.