INHLANGANO ebhekelele ezempilo emhlabeni iWorld Health Organisation (WHO), ithi ikhathazekile ngokuthi kungase kube nenhlekelele yezempilo eGaza Strip, ePalestine. Abe-WHO bathi uma kuqhubeka nokuthi kuvinjwe abahambisa usizo lwezempilo kuchaza ukuthi kuzofa inqwaba yabantu.
Impi phakathi kweHamas, ne-Israel, ilokhu iqhubeke njalo kanti kunenqwaba yabantu abafile nempahla yezwe yasala icekelwe phansi.
AbeWHO bathi uhlelo lwezempilo ezweni luvele luthwele kanzima ngenxa yempi eqhubekayo.
“Izibhedlela zinikezwe amahora ambalwa ukuthi zisebenze ngogesi zibuye ziwucime ngoba kuyongiwa ungase uphele. Kuzohamba kuphele konke lokhu abantu basale dengwane. Uma kungavuleki indlela yokuhambisa usizo, kuzoba nenkinga enkulu,’’ kusho abeWHO.
AbeWHO bathe bakhathazeke kakhulu ngabantu abakhulelwe, abanezifo ezibucayi njengomdlavuza, isifo senhliziyo nezinye ezidinga ukuthi umuntu ahlale ngokuvakashela odokotela. Bathe kunabasebenzi abebejutshiwe kule ndawo abazithole belimala, abanye bashona nokukhomba ngokusobalala ukuthi akuphephile ukuyolekelela khona.
Bathe bazobe bemi ngomumo ukusabalalisa zonke izinsiza futhi bazobe besebenzisa isizinda sabo esiseDubai. Bathe bangasebenzisa nezinye izintuba ukuhambisa izinsiza ezidingekayo.