IHLAWULISWE u-R1 million inkampani enkulukazi yezokuxhumana iVodacom emuva kokulahlwa yicala lokuphula amalungelo abathengi.
Izolo, inhlangano elwela amalungelo abathengi, iNational Consumer Commission (NCC), ithe iVodacom kayinanembeza ngokubeka imigomo nemibandela ephoqa abathengi ukuthi bahlale nezinkontileka noma bengasazifuni.
UKhomishana we-NCC, uNksz Thezi Mabuza, uthe kusukela ngo-2020 kuze kube wu-2022 bathola izikhalo kubantu baseNingizimu Afrika ngokuthi iVodacom kayifuni banqamule izinkontileka abazenze nayo uma bengasafuni.
Kwavela ukuthi iVodacom ibifuna abantu bakhokhe u-75% wokunqamula inkontileka. Ngaphezu kwale mali bekufanele umthengi akhokhe yonke imali ayikweletayo kwinkontileka ngaphambi kokuthi inqanyulwe.
Abathengi bebekhala ngokuthi bebephoqwa ukusayina incwadi eshoyo ukuthi bayakweleta, bese beyibuyisela emuva nobufakazi bokuthi sebekhokhile kungakadluli izinsuku eziwu-12.
UNksz Mabuza uthe lezi zikhalo bezingena kakhulu ngesikhathi seCovid-19 abantu besanda kulahlekelwa yimisebenzi, noma bencishiselwe amaholo, uthi babefuna ukuqhubeka babe ngamakhasimende eVodacom kodwa angenazo izinkontileka.
“Isigaba 14 (3) (b) (i) somthetho wezabathengi sithi umdayisi angahlawulisa umthengi ngokunqamula inkontileka kodwa akufanele agawule umthengi kakhulu.
I-Vodacom iphule lesi sigaba ngokufuna u-75% kubathengi abafuna ukunqamula izinkontileka zabo,” kusho uNksz Mabuza.
Uthe ukuphoqa abantu ukuba basayine isivumelwano sokukhokha u-75% kusho ukuthi ayilunganga.
Uveze ukuthi abanye abantu bebekhokhiswa imali yenkontileka noma sebeyinqamulile, uma bengakhokhi bebejahwa yizinkampani eziqoqa izikweleti noma basatshiswe ngabameli.
Uthe bayasijabulela isinqumo sokuthi iVodacom ihlawule u-R1 million ngoba sizofundisa nezinye izinkampani ukuthi zingawenzi lo mkhuba.
AbeVodacom bathe basayisebenza impendulo abazoyithumela kwabezindaba.