I-South African National Defence Force (SANDF) ichitha imibiko yokuthi amasosha amabili alo mbutho ajutshwe eDemocratic Republic Of Congo (DRC) athunjwe ngamavukelambuso iM23.
Amasosha akuleli ajutshwe eDRC njengengxenye yeSouthern African Development Community Mission in the Democratic Republic of Congo (SAMIDRC) ukuyosiza uhulumeni wakuleliya zwe ukudala ukuthula nozinzo.
Ngokubika kwe-website yeNational Security News, amasosha akuleli awanazo izikhali ezanele kanti ashaqwe ngamavukelambuso ngesonto eledlule.
Ibike ukuthi asethunjwe yiM23.
Esitatimendeni i-SANDF ithe wonke amasosha ayo ajutshiwe aphelele.
"Akukhona okokuqala ukuthi kubhalwe izindaba ezingenasisekelo njengalezi ngeSANDF kusuka yajutshwa eDRC ngaphansi kweSAMIDRC," kusho iSANDF.
Ithe ngeke ize ithule futhi ivume ukuthi igama layo lingcoliswe yile mibiko.
Ithe izokwazisa abantu bakuleli ngaso sonke isikhathi ngesimo nokuphepha kwamasosha ayo eDRC.
Sekufe amasosha amane akuleli eDRC kusuka kuqale unyaka. Esigamekweni sokuqala kwafa amabili ngesikhathi kuqhunyiswa inkambi yawo.
Kwesesibili elinye ladubula uzakwabo ngesibhamu somsebenzi ngaphambi kokuzidubula life nalo.