INHLANGANO yezokusakaza kuleli, iSouth African Broadcasting Corporation (SABC), ithi ayinabo ubufakazi bokuthi iHhovisi likaMengameli liphuma iqhubu nenhloko yezindaba kuyo, uMnuz Moshoeshoe Monare, ukuthi liyohlolwa.
Lokhu kuza ngemuva kwemibiko yeCity Press yokuthi uMonare kumele ayohlolwa yiState Security Agency (SSA). Kulolu hlelo kusukwe kubhekisiswa yonke imininingwane ethinta umuntu nokuthi uhulumeni engamthemba yini ngemininingwane ebucayi.
Izinhlangano ezifana neSouth African National Editors’ Forum (Sanef), Media Monitoring Africa, SOS Support Public Broadcastiong Coalistion (SOS), neCampaign For Freedom of Expression (CEF) zikhiphe isitatimende kanye kanye zikugxeka ukuhlolwa kukaMonare.
Okhumela uMengameli uCyril Ramaphosa, uMnuz Vincent Magwenya, ukuchithile ukuthi kuphunywa iqhubu noMonare ngoba sekubhekwe okhethweni lukazwelonke ngoMeyi 29.
I-SABC esitatimendeni ngoLwesibili emini, ithe zonke izikhulu zayo ziyahlolwa. Ithe ngesikhathi uMonare eqashwa ngo-2022, iSABC yenze isicelo eSSA ukuthi ahlolwe.
Lokhu kuwumbandela wokuqashwa futhi zonke izikhulu zithola isitifiketi uma sezihloliwe.
“Ukucacisa, yinto ejwayelekile eSABC ukuthi izikhulu zihlolwe, akukho okubi okuhlosiwe ngalokho. Isikhulu esisha uNomsa Chabeli, naso siyahlolwa njengokombandela wenkontileka yaso. I-SABC ayihlangani nokuhlelwa ukuthi ukuhlolwa kuzokwenziwa nini.”
Ithe uMonare akaluphothulanga uhlelo lokuhlolwa njengokusho kwenkontileka yakhe futhi wavuma ukuthi uzohlolwa ngesikhathi esayina inkontileka yakhe.