INYUNYANA yamaphoyisa i-Police and Prisons Civil Rights Union KwaZulu-Natal, ifuna kube nezingxoxo ukuxazulula ukuklwebhana phakathi kukaNobhala we- ANC esifundazweni uMnuz Bheki Mtolo nenyunyana iNehawu.
UNobhala wePopcru KwaZulu-Natal uNksz Nthabeleng Molefe, uthe bazoxoxa nomfelandawonye wezinyunyana iCongress of South African Trade Unions, ukuthi kuhlelwe umhlangano ngokushesha ukubhunga ngalesi simo.
“Sinxusa ukuthi kube nokuxoxisana nokuthi kwehliswe umoya ngalesi sikhathi esinzima. SiyiPopcru sisakholelwa ukuthi ubunye babasebenzi nombutho wentando yabantu kuseyizinto ezibalulekile kulesi sifundazwe, ikakhulu uma kubhekwa umlando wezepolitiki esifundazweni,” kusho uNksz Molefe.
Enkulumeni ayethule ekhuluma nabantu eKokstad ngeledlule, uMtolo usole abasebenzi bakahulumeni abangaphansi kweNehawu, ngokuhluleka ukusebenza ngendlela efanele ezikhungweni eziningi zikahulumeni.
Lokhu kulandela ukuthi kube khona amalungu ale nyunyana aphumele obala eveza ukuthi awahambisani nohulumeni wokubambisana, oholwa yi-ANC.
UMtolo ukhwele wadilika kubasebenzi abangaphansi kweNehawu, wathi iningi labo lizonda uhulumeni wokubambisana ngoba lingasahlomuli kuwo.
Utshele abantu ukuthi abasebenzi abaningi abasebenza emahhovisi oMnyango waseKhaya bangamalungu eNehawu, ngakho uma abantu befika kulawa mahhovisi benganakwa, abokwazi ukuthi yiNehawu leyo.
Emva kwalokhu kuphawula, iNehawu inqumele lo mholi ugwayi katiki ifuna axolise ngokushesha engakapheli amahora angu-48, kungenjalo ngeke isamvumela ukuthi athule inkulumo emicimbini yayo.
Inxuse i-ANC ukuthi ibhekane noMtolo.