UHLAMUKWE uyise nabantu abephila nabo ehostela laseGlebelands, eMlaza owesilisa onqatshelwe ibheyili ngamacala angu-42 abhekene nawo.
UMnuz Khethani Khuboni (31) usolwa ngokudlwengula abesifazane abangu-20, abaphange esebenzisa indlakadla enkundleni yezemidlalo eGlebelands.
Unqatshelwe ibheyili ngoMsombuluko futhi akukho okuvelayo eHome Affairs okufakazela ukuthi ushadelwe.
UKhuboni ufake indandatho emunweni futhi usanda kutshela inkantolo ukuthi iyisishiyagalolunye iminyaka abopha ifindo lomshado.
Inkampani athi ngeyakhe, kuvele ukuthi empeleni wayivulela umngani wakhe futhi ayisebenzi uma ibhekwa kubaqoqi bentela eSars.
Lokhu kuvezwe enkantolo umphenyi uSergeant Mndeni Mzila ephikisana noukuthi uKhuboni adedelwe ngebheyili.
UMzila uthe uxhumene noyise kaKhuboni omtshele ukuthi umhluphile, amacala aboshelwe wona wawaqala ngo-2019 futhi akazi lutho ngomshado, wezwa ngomsolwa ebuya ethi ushadelwe.
“Uyise uthe uma inkantolo imdedela, ayimtholele indawo yokuhlala ngoba akasadingeki ehostela. Waqhwaga nendlu ayinikwa uyise ehostela ukuba ahlale kuyo nabafowabo, abakhipha kuyo,” kusho uMzila othe uphenya amacala “kamalugaju.”
Inkantolo ichitha isicelo sebheyili ibalule ukuphepha kwabamangali. UMzila uthe uKhuboni uyawazi amakheli abo futhi wabasongela.
Iveze nokuthi kwayena uKhuboni akanandawo azohlala kuyona futhi kungase kube nombhedukazwe emphakathini uma ededelwa lokhu okungamenza naye angaphephi.
Ibalule nokuthi uKhuboni angase alibalekele icala ngoba uyazi ukuthi lihambisanaa nesigwebo sikadilikajele.
UMzila uthe buqinile ubufakazi ababuqukethe obuyamanisa uKhuboni namacala angase engezwe.
Wale ukhasha uMzila ukuthi adedelwe uKhuboni ethi waziphika efika ezombopha kwesikabhadakazi ehostela wathi ungu-Amos Mbhele. Uthe kwasiza uyise owamkhomba eduze umsolwa eqinisekisa ukuthi unguKhethani Khuboni.
Zehle kamnandi kwabebethamele icala ezokuncishwa ibheyili kukaKhuboni.
Bakhombise ukujabula bezwa imantshi ithi uzogqunywa ezitokisini kusaqhutshekwa nophenyo.
UKhuboni akakhombisanga ukudinwa noma ukuphatheka kabi ezwa lokhu kunalokho ukhale ngabasebenzisa ifoni yakhe njengoba yena eboshiwe.
Kuthiwa ifoni yashaqwa amaphoyisa futhi iyingxenye yophenyo alwenzayo. Icala lihlehliselwe u-Okthoba 23 kusaqhutshekwa nophenyo.