I-IFP neDA bathi isivumelwano sokusebenzisana abasisayinile sizobuyisa uzinzo komasipala baKwaZulu-Natal ababuswa ngokubambisana.
Ngakolunye uhlangothi iDA yona ithi ibona lesi sivumelwano siyithuba lokuqumba phansi i-ANC.
Izolo la maqembu asayine isivumelwano sokuphuthumisa ukuhanjiswa kwezidingo komasipala baKwaZulu-Natal.
La maqembu abekade esebenzisana komasipala bakulesi sifundazwe ngaphandle kwesivumelwano esisemthethweni.
Phakathi komasipala abaphethwe ngokubambisana yi-IFP neDA kubalwa owaseMhlathuze, owasebaQulusini, omasipala bezifunda iZululand noThukela.
USihlalo we-IFP KwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, nomholi weDA kulesi sifundazwe, uMnuz Francios Rodgers, bathe ukusayinwa kwesivumelwano kuzoletha ushintsho kulabo masipala.
UNtuli uthe kubathathe izinyanga eziyisithupha ukuba bafinyelele kulesi sivumelwano.
“Lesi sivumelwano siza emva kwaleso sokusebenzisana kwizinketho zokuchibiyela esibe impumelelo, lapho sikwaze ukuhlwitha amawadi kwi-ANC. Isivumelwano sanamhlanje sizokwenza isiqiniseko sokuthi wonke amaqembu anezihlalo komasipala ababuswa ngokubambisana ayasebenzisana ukuletha izidingo kubantu. Lesi sivumelwano sizoletha uzinzo komasipala abaphethwe ngokubambisana yi-IFP neDA. Lesi sivumelwano sizoqinisekisa ukuthi abantu baKwaZulu-Natal bayazithola izidingo.”
UNtuli uthe isivumelwano sayizolo asisho ukuthi la maqembu asezohlangana.
“I-IFP iyiqembu elizimele elinomphakathi eliwusebenzelayo. Lokhu kubambisana akusho ukuthi kunokudidizela ngoba sisazoqhubeka nje sikhankase ngokuzimela futhi abantu baqhubeke nokusivotela. Ukusayinwa kwesivumelwano kusho nje ukuthi siyasebenzisana komasipala.”
Umholi weDA KwaZulu-Natal, uMnuz Francios Rodgers, uthe ukusayinwa kwesivumelwano kubanikeza ithuba lokukhipha i-ANC emandleni.
“Kuyiqiniso elingephikiswe ukuthi i-ANC ihlulekile ukuphatha omasipala baKwaZulu-Natal. Manje sekulele kwi-IFP neDA ukuba balungise lo monakalo baphinde babuyise ithemba kubantu baKwaZulu-Natal.
“Inhloso yethu enkulu ukukhipha i-ANC emandleni. Siyakholelwa ekutheni lesi sivumelwano singavula intuba yokuthi siqale izingxoxo zokubusa ngokubambisana isifundazwe, iKwaZulu-Natal, emva kokhetho lwangonyaka ozayo.”
Phakathi kwezinto eziqukethwe yisivumelwano ukunikezwa kwemiphakathi izidingo ezingamanzi nogesi, ukuqedwa kwenkohlakalo, ukudalwa kwamathuba emisebenzi nokutshwalwa kwemali.
URodgers uthe bazokwenza isiqiniseko sokuthi ziyenziwa zonke lezi zinto eziqukethwe esivumelwaneni.
“Womabili amaqembu ayawazi umthwalo esiwethweswe ngabavoti, asizimisele ngokwenzela phansi abantu abasivotele. Siyakholelwa ekutheni kuningi esingakwazi ukukwenza uma sisebenzisana.”
URodgers uthe amalungu abo akomasipala azokwaziswa ngalesi sivumelwano.
URodgers uthe isivumelwano sokusebenzisana asisho ukuthi abasezokuyigxeka i-IFP uma ingenzi kahle.