I-IFP iyalele uNgqongqoshe wezeMfundo KwaZulu-Natal, uNkk Mbali Frazer, ukuthi adedele umbiko ngezinsolo zokuthengwa kwezikhala zothisha ezibhekene nothishanhloko waseNkongolwane Primary eVryheid.
Leli qembu lithe lizobhalela uNkk Frazer ukuthi adedele umbiko zingakapheli izinsuku ezingu-14.
Okhulumela i-IFP kwezemfundo esifundazweni, uNkk Thembeni Madlopha-Mthethwa oyilungu lesiShayamthetho, uthe izinsolo ziveza ukuthi lo thishanhloko wadiza ngo-R120 000 ukuze athole isikhundla.
Uthe kunezinye izinsolo ezibhekene nephini likathishanhloko ezithi wagwazela amanye amalungu omkhandlu olawula isikole ngoR80 000.
Uveze nokuthi kunezinsolo ezithi kwangezwa ngezinkomo ezintathu kuthengwa izikhala.
“Ngesikhathi kuhleli isiShayamthetho ngoSepthemba 28, 2023 ngayiphakamisa eyalezi zinsolo. Nganxusa uNkk Frazer ukuthi aphenye. Kucacile ukuthi uhlelo lokuqasha emnyangweni aluhanjiswa ngendlela.”
Uthe kudingeka kwenziwe izinguquko ezinqala ngendlela okuqashwa ngayo.
“Phambilini udaba lokudayiswa kwezikhala lwasukumisa uNgqongqoshe kazwelonke uNkk Angie Motshekga, ukuthi ajube ithimba elaliholwa nguSolwazi John Volmink, olwaphakamisa izinto eziningi.
Lesi sifundazwe kwatholwa ukuthi singesinye sezihamba phambili emkhubeni wokuthengwa nokudayiswa kwezikhala.”
Uthe ithimba likaNkk Motshekga, laphakamisa ukuthi kubekwe abangu-38 amacala, emacaleni angu-81 aphenywa.
Uqhube wathi ukudayiswa kwezikhala kubeka engcupheni imfundo esezingeni elifanele.
“Sifuna ukwazi kuNkk Frazer ukuthi bangaki othisha eKZN abaqashwe kungafanele, kubalwa nalaba abagwaza? Sifuna ukwazi ukuthi eminyakeni emithathu edlule, bangaki othisha asebekhonjwe indlela baphinde bafakwa emabhukwini amnyama emuva kokutholakala ukuthi babeqashwe kungafanele.”
Uthe bafuna ukwazi nokuthi umnyango uzoyibuyisa kanjani imali yabakhokhi bentela eyalahleka kuqashwa othisha ngokungafanele.
“Uma uNkk Frazer ehluleka ukusiphendula sizosebenzisa umthetho iPromotion of Access to Information Act (PAIA), ozomphoqa ukuthi akhiphele umphakathi lo mbiko.”