INHLANGANO ebhekele ukhetho kuleli i-IEC isemukele ngo-elethu isimemezelo sosuku lokhetho ngoba ithi kufana nokuvuleka kwamasango.
Abe-IEC bathe lokhu kusho ukuthi uLwesihlanu, uFebhruwari 23, 2024 luzoba ngolokugcina ukubhalisela ukuvota kwabasafisa ukwenza njalo ngezobuchwepheshe.
UMengameli Cyril Ramaphosa ngoLwesibili umemezele uMeyi 29 ukuthi wusuku lokhetho lukazwelonke. Izwe ligcine ukuya okhethweni ngo-2019 okusho ukuthi siyaphela isikhathi sikahulumeni owawukhethiwe.
Kuzobe kuphela iminyaka engu-30 izwe langena embusweni wentando yabantu, liphuma embusweni wobandlululo.
Uhulumeni wakuleli usuke unikwe ihlandla leminyaka emihlanu ubusa, bese kubuyelwa kubantu banikwe ithuba lokukhetha kabusha. I-IEC ithe ukumenyezelwa kosuku lokhetho kwenza kube lula ukusebenza.
“Ukumenyezelwa kokhetho kwenza ukuthi luphele ungabazane futhi kuyayigqugquzela inhlangano yokhetho ukuthi yenze amalungiselo sekwaziwa ukuthi kubhekwephi. Siyafisa ukugcizelela ukuthi silulungele ukhetho oluzayo,’’ kusho abe-IEC.
I-IEC ithi yenze konke okusemandleni ukugqugquzela abantu ukuthi babhalisele ukuvota iphuma ingena ezikhungweni zemfundo ephakeme, yavula izimpelasonto ezimbili zokubhalisa. Yaba nohlelo lokubhalisa abantu bakwamanye amazwe. Bathi bahambe baze bafinyelela emajele bebhalisa nakhona.
“Konke lokhu esikwenzile kusithathe kwasibeka kubantu abangu-27.6 million ababhalisile ukuvota. Siyagcizelela ukuthi abantu bazi ukuthi ukubhalisela ukuvota kuzovalwa ngoFebhruwari 23, 2024 ngoLwesihlanu,’’ kusho abe-IEC.
Abe-IEC bathe ukumenyezelwa kosuku kusho ukuthi sebezokwazi ukukhipha uhlelo olulandelayo maqondana nomshikashika wokuvota. Bathe uhulumeni uzofaka usuku lokhetho emqulwini wawo ngokusemthethweni emuva kokuxhumana nabamele amaqembu.
“Uhlelo lokhetho luzobe selukhishwa. Luzobe luqukethe izinto ezifana nokugunyazwa kohlu lwabavoti, ukukhishwa kohlu lwezikhungo zokuvota. Ukuhanjiswa kwamagama abantu abazomela amaqembu.
Ukuhanjiswa kwezaziso zokuvota kwabangaphandle kwezwe nokufakwa kwezicelo zokuvota ngokukhethekile,’’ kusho abe-IEC.
Bagcizelele nokuthi abantu kufanele babhalise lapho abahlala khona ukuze bakwazi ukuvota. Bathe umuntu uzokwazi ukuvota kwenye indawo angahlali kuyona uma efake isicelo kwabe-IEC, okuwuhlelo abazolumemezela ukuthi luzosebenza kanjani.