IKHOMISHINI eyengamele ukhetho kuleli, isayine isivumelwano sokusebenzisana nezinkundla zokuxhumana ezidumile emhlabeni-jikelele ukunqanda ukusabalala kwezinto ezingamampunge njengoba kuyiwa okhethweni.
IKhomishini isebenzisana nezinkampani iGoogle, Meta neTikTok, kanjalo nenhlangano engenzi inzuzo iMedia Monitoring Africa (MMA).
Usihlalo weKhomishini uMnuz Mosotho Moepya, uthe kusayinwe isivumelwano nalezi zinkundla zokuxhumana ukuze kuvikelwe isithunzi sokhetho kuleli.
Uthe kulesi sivumelwano kuvunyelwene ukuthi kuzonqandwa ukusatshalaliswa kwezinto ezingamampunge ezithinta ukhetho.
“Nakuba sike sasebenzisana izikhawu ezimbili phambilini kodwa ngokokuqala ukuthi sisayine isivumelwano. Njengoba sezisetshenziswa kakhulu lezi zinkundla kunezikhawu lapho bekusatshaliswa izinto ezingelona iqiniso. Uma singakunqandi ukusatshalaliswa kwezinto ezingekho, sizibeka engcupheni yokuthi kubukelwe phansi ukhetho,” kusho uMoepya.
Uthe ulwazi okuyilo yiwona mgogodla wokhetho wathi kwenza nomphakathi ukwazi ukukhetha abaholi abafanele.
Ubalule nokuthi lesi sivumelwano sihambisana nomthethosisekelo wezwe kanjalo nomthetho wezokhetho.
“Okunye okusesivumelwaneni wukuthi kususwe izinto ezingafanele kulezi zinkundla.”
UNksz Abongile Mashile, isikhulu esiphezulu kwaGoogle eSouthern Africa, uthe bazimisele ukweseka izinhlelo ezigqugquzela intando yeningi kanjalo nokuvikela isithunzi sokhetho ukuze umphakathi uqhubeke ube nethemba.
“Sigxile ekwakheni imikhiqizo ezokwenza abantu emhlabeni jikelele ukuthi bathole ulwazi okuyilo noluqondile. Sivikela ukhetho nemikhankaso ehambisana nalo kulabo abafuna ukusabalisa izinto ezingekho.”
UNksz Balkissa Idè Siddo umqondisi weMeta e-Africa, uthe ukuvikelwa kokhetho lwango-2024, yinto abayibeke eqhulwini.
“Inkundla yethu ineqhaza elibalulekile emphakathini kubalwa nakuleli. Silwa nokuhlukunyezwa kwabantu kule nkundla njengoba sifaka imigomo eqinile yingakho sisebenzisana ne-IEC.”
UNkk Fortune Mgwili-Sibanda weTikTok, uthe banesibophezelo sokuvikela umphakathi kanjalo nesithunzi sawo kule nkundla ikakhulu ngesikhathi sokhetho.
Uthe bayajabula ukuthi bayinkundla ehlanganisa abantu ngezinto ezinobuhlakani abazenzayo.
“Sisebenza kanzima ukuqinisekisa ukuthi alukho ulwazi oluzodukisa kanjalo noluphula imigomo yethu. Sihlale njalo sifuna ukujabulisa abantu ngento engeke ibahlukumeze.”
UMnuz William Bird, umqondisi weMMA e-Africa, uthe uma sekunesikhalazo ngento efakwe ezinkundleni zokuxhumana, ikhomishini yazisa leyo nkundla.
Uthe kulindeleke ukuthi leyo nkundla iveze ukuthi isisitholile leso sikhalazo bese isisisebenza ngokushesha.
Uthe leyo nto ingasuswa kuleyo nkundla ukuze ingaphinde ivele.
Uveze nokuthi kunophiko olwakhiwa ngokhetho lohulumeni basekhaya ngo-2016, ukuphenya ngezinto ezithinta ukuphulwa kwemibandela yomthetho wezokhetho.
“Kulolu phiko kukhona abameli abazimele, abasebenza ngesikhathi sokhetho.”