IQEMBU i-EFF lengeze ithimba labaholi balo abajutshwe ukuba baqhube umkhankaso KwaZulu-Natal njengoba isifundazwe sibhekwe ngabomvu okhethweni olungoMeyi 29.
I-EFF inqume ukwandisa ithimba eliholwa yiPhini likaMengameli, uMnuz Floyd Shivambu, ngabaholi abane.
Isinqumo sokwandisa ithimba labaholi sithathwe emhlanganweni wekomiti elididiyela imikhankaso yokhetho kwi-EFF.
Abaholi abajutshwe ukuba bazoqinisa ithimba; uNobhala Jikelele, uMnuz Marshal Dlamini, owayeyiphini likanobhala jikelele, uNksz Hlengiwe Mkhaliphi namalungu esigungu esiphezulu; uMnuz Fana Mokoena, noNksz Reneiloe Mashabela.
I-EFF ithatha lesi sinqumo nje, isanda kwethula umkhankaso wezethembiso zokhetho kuso isifundazwe iKwaZulu-Natal.
Okhulumela i-EFF, uMnuz Sinawo Thambo, uthe emva kwempumelelo yomcimbi wokwethulwa kwezethembiso zokhetho babone isidingo sokuba baqinise ithimba labaholi.
“IKwaZulu-Natal iyona elele isibili ngokwezinombolo zabantu ababhalisele ukuvota njengoba bengu-5 723 821 abantu ababhalisile esifundazweni. Umbango uzokuba mkhulu eKZN. Ingakho sikhethe ukuqinisa ithimba eliholwa uShivambu.”
I-EFF yenza kahle KwaZulu-Natal okhethweni olwedlule njengoba yathola izihlalo eziyisishagalombili esiShayamthetho sesifundazwe, isuka kwezimbili.
UThambo uthe bafuna ukuphinde bandise isibalo samavoti abazowathola KwaZulu-Natal okhethweni lwangoMeyi.
“Muhle kakhulu umsebenzi owenziwa ithimba labaholi elijutshwe eKZN. I-EFF ikhombisa ukukhula nokulungela ukhetho. Ukugcwalisa kwethu inkundla ngesikhathi sethula umkhankaso wokhetho kukutshela lukhulu. Inkundla yagcwaliswa kuphela abantu abaqhamuka KwaZulu-Natal, nokusho ukuthi i-EFF iyathandwa eKZN. Asikungabazi ukuthi umsebenzi omuhle owenziwa ithimba labaholi uzoheha abantu abaningi ukuba bavotele i-EFF ukuze sikhiphe i-ANC emandleni. I-ANC yehluleke yancama ukuphatha.”
Khonamanjalo: Umholi we-EFF, uMnuz Julius Malema, wethule umqulu wezethembiso zokhetho esifundazweni iGauteng, ngoMgqibelo.
UMalema utshele izinkumbi ebezigcwele enkundleni iDobsonville ukuthi i-EFF izolunqoba ukhetho oluzayo.
UMalema ukhwele wadilika emndenini wezimpunyela zakwa-Oppenheimer.
Amalungu alo mndeni asematheni emva kokunikela ngezigidi zamaRandi kumaqembu ezepolitiki aphikisayo.
Mumva nje, uNksz Rebecca Oppenheimer unikele ngoR15 million kwiqembu lezepolitiki elisha, iRise Mzansi.
“Kungani abantu bakwa-Oppenheimer benikela ngezigidi kumaqembu ezepolitiki amasha, angenamlando? Sekunesikhathi eside abantu bakwa-Oppenheimer belawula izwe lethu. Sekuyisikhathi sokuthi sibuyise izwe lethu.”