INYUVESI iDurban University of Technology (DUT) isizibekele umgomo wokuqhubeka nokusebenza kanzima ukuqinisekisa ukuthi iyaqhubeka nokuba yinyuvesi yobuchwepheshe ehamba phambili eNingizimu Afrika.
Lokho kuhlaluke emcimbini wokwethulwa kwezinhlelo zonyaka zale nyuvesi enezimpiko ezinhlanu, obubanjelwele ophikweni Indumiso, eMgungundlovuu, ngoLwesihlanu.
Lethula inkulumo yosuku, iSekela Shansela leDUT, uSolwazi Thandwa Mthembu, uthe yize kubajabulisa ukwenza kahle kwenyuvesi kusuka ngo-2020 kuze kuzoba yimanje kodwa abazokhululeka - bazoqhubeka nokuzikhandla ukuqinisekisa ukukhiqiza imfundo esezingeni eliphezulu.
“Siyaziqhenya ngokuthi iDUT yiyona nyuvesi yezobuchwepheshe ehamba phambili eNingizimu Afrika, futhi isohlwini lwamanyuvesi angu-60 aphambili emhlabeni kodwa sifuna okungaphezu kwalokho.
“Sizibekele umgomo wokuqinisekisa ukuthi inyuvesi yethu iba ngethenjwayo ukukhiqiza izitshudeni ezingezukugcina ngokuhlwaya amathuba emisebenzi kuphela kodwa kube ngezizokwenza umehluko emphakathini wethu ohaqwe wububha, yinhlupheko nendlala yamathuba emisebenzi ebantwini bakithi,” kuchaza uSolwazi Mthembu.
Eqhuba, uveze ukuthi kusuka ngoMashi 3, bese zingaphezu kuka-35 000 izitshudeni ezizofunda eDUT nonyaka, okuyinto enhle ngoba bebebheke ukwamukelwa okungenani eziwu-30 000 ku-2023.
“Kodwa-ke yize kunjalo, zikhona izinto ezisikhathazayo njengenkinga yemibhikisho ehlala yenzeka njalo uma kuqala unyaka, esizimisele ukubambisana nazo zonke izinhlaka zenyuvesi okuhlangabezana nezidingo zezitshudeni zethu, ukuze kube nokuthula.
“Inkinga yobugebengu nayo ibisikhathaza kakhulu kule minyaka edlule, yingakho sengeze amakhamera kuzo zonke izimpiko enyuvesi yethu ukuqinisekisa ukuphepha kwezitshudeni nezisebenzi zenyuvesi,” kusho uSolwazi Mthembu.
Kulo mcimbi kuphinde kwethulwa izinguquko ezenziwe kwamanye amabhilidi enyuvesi ophikweni Indumiso, kubalwa igumbi labafundela ubunjiniyela eselakhiwe ngobuchwepheshe besimanje, nomtapo wolwazi osuwenziwe kabusha, ukuqinisekisa ukuthi uba wusizo kwizitshudeni.
UMnuz Siza Hadebe, ongomunye wabaphathi bomtapo wolwazi oseNdumiso, uthe bajabule kakhulu ngezinguquko ezenziwe kuwona, nezizokwenza kube lula ukufunda kwizitshudeni zabo eziwu-8 000 ezizofunda nonyaka.
“Nakuba kungakhapheli konke kodwa sijabule ngokuthi ukufunda kuzoqhubeka kahle - futhi umtapo wolwazi uzoba wusizo kakhulu kwizitshudeni ngoba wenziwe ngendlela ehambisana buchwepheshe besimanje futhi usuzokwazi ukwamukela nezitshudeni zethu eziphila nokukhubazeka.
“Okunye esikuhlelayo, wukuthi umtapo wolwazi ungabi wusizo kwizitshudeni zethu kuphela, kepha ube wusizo nasemphakathini okwakhiwe kuwo isikhungo, ukuze kusizakale wonke umuntu owudingayo,” kusho uHadebe.
USolwazi Mthembu uveze nokuthi ngokwezinhlelo zabo zokwakhiwa nokulungiwa kwenyuvesi, babheke ukuthi kube sekuqedwe yonke into ngo-2025, bese beqhubeka nokugxila ekufezeni umgomo wabo ka-2030 wokuthi iDUT ibe yisikhungo esithenjwa ukwedlula zonke izikhungo.