KULINDELEKE ukuthi i-DA igadle ngemeya yaseMngeni, uMnuz Chris Pappas, embangweni wesikhundla sikandunankulu waKwaZulu-Natal.
Ngenyanga ezayo i-DA izomemezela umholi efuna ukuthi abe undunankulu wakulesi sifundazwe uma inqoba ukhetho lwangonyaka ozayo.
Igama likaPappas lihamba phambili kwabagaqele ukumela i-DA kwesikandunankulu waKwaZulu-Natal.
UPappas akaconsi phansi kusukela angena esikhundleni sobumeya, okuyisikhundla angene kuso emva kokhetho lohulumeni basekhaya obelungonyaka owedlule.
Umthombo ongaphakathi kwi-DA, uthe uPappas usethubeni elihle lokunqoba umjaho wangaphakathi kwi-DA.
“Wonke umuntu ngaphakathi kwi-DA uyamthanda uPappas ngenxa yemisebenzi emihle ayenzile kuMasipala waseMngeni. Kuzokuba lula kakhulu ukukhankasela ukhetho uma sigadla ngaye ngoba uthandwa abantu abaningi.”
UPappas ukuqinisekisile ukuthi uwungenele umjaho wale sikhundla.
“Yebo, ngasifaka isicelo sokuba kube yimi omela i-DA embangweni wesikhundla sikandunankulu waKwaZulu-Natal. Engingakusho ukuthi kusekude phambili. Kusafanele ngibhale isivivinyo, ngiye kwinhlolokhono, bese kuphinde kuqinisekiswa neziqu zami. I-DA izokwenza isimemezelo ngoSepthemba.”
UPappas uthe okwamanje usazoqhubeka nokugxila emsebenzini wakhe wobumeya njengoba kungakenziwa isimemezelo ngodaba lozomela le nhlangano kwesobundunankulu.
Umhlaziyi wezepolitiki ozimele, uMnuz Thabani Khumalo, uthe kungayisiza kakhulu i-DA ukuthi ifolose ngoPappas KwaZulu-Natal.
“UPappas uyena mholi we-DA odumile esifundazweni. Udume ngisho ukwedlula umholi wayo esifundazweni (uMnuz Francios Rodgers). UPappas uthandwa kakhulu abantu ngenxa yomsebenzi omuhle awenzayo kuMasipala waseMngeni, lapho simbona khona esebenzisana nemiphakathi eyahlukene. Siyaye simbone engakhethi iphela emasini, ehambisa izidingo kuyo yonke imiphakathi.”
UKhumalo uthe nakuba ukufolosa ngoPappas kuzoyisiza i-DA, uthe akaboni le nhlangano izokwazi ukunqoba ukhetho esifundazweni.
“Ngilindele ukuthi ukhetho lwangonyaka ozayo luphinde lube nzima kwi-DA KwaZulu-Natal. I-DA ihlezi ithwala kanzima KwaZulu-Natal. Kwahlula ngisho besafolosa ngabaholi abamnyama o(Mnuz Zwakele) Mncwango, bengawatholi amavoti.
“Le nhlangano iyahluleka ukuthola amavoti emalokishini kanye nasezindaweni zasemkhaya. Yebo ukufolosa ngoPappas kuzowenza umehluko ngoba uyasebenzisana nemiphakathi yaselokishini, njengoba sike sibone eMpophomeni, kanye nemiphakathi yasemakhaya.”
I-DA ivele isibamemezele abazoyimela embangweni wezikhundla zobundunankulu ezifundazweni ezifana neWestern Cape neNorthern Cape.