UMHOLI we-DA KwaZulu-Natal ushiye angalazi eqenjini elibusayo wathi yilona elisekhaleni ekuqothweni kosopilitiki esifundazweni.
UMnuz Francious Rodgers usho kanje ethula inkulumo emgcwabeni kaSotswebhu kuMasipala uMngeni, uMnuz Nhlalayenza Ndlovu (46) ngoMgqibelo.
UNdlovu udutshulwe wafa kwakhe eMasosheni, eHowick ngoLwesibili.
IDA ikhiphe umehlokaboni kaR1 million kongalekelela nolwazi oluzoholela ekuboshweni kwababulali bakaNdlovu.
URodgers uthe ukubulawa kosopolitiki akuyona into emane izenzekele kodwa iyahlelwa.
“Sibhekene nenkinga ye-ANC KwaZulu-Natal. Iyona ephehla ukubulawa kosopolitiki. Abasakwenzi kuphela bebodwa kodwa sebebhekise nakwiDA,” kusho uRodgers ngokucasuka.
Uthe ukubulawa kukaNdlovu ngeke kube yize leze, ababulali bakhe bazotholakala.
URodgers uze wathi akanavalo, uyanikela ngempilo yakhe ngakho akuhlukanwe phansi namakhansela eDA kubhekwane naye.
Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal uMnuz Mafika Mndebele uchaze uRodgers ngokuthi akanabo ubuntu, usebenzisa ukufa ukuze agayele iDA ivoti.
UMndebele uthe abohlanga bayazotha uma kunesifo futhi abakhulumi amanga phezu kwesidumbu.
“Asisebenzisi isidumbu ukukhankasa. IDA isebenzisa ukufa komuntu ukuze ithole ithuba lamavoti. Lokhu kukhomba ukungabi nazwelo, akunasisindo futhi kuwubuwula,” kusho uMndebele.
Umufi ushiye emhlabeni inkosikakazi nabantwana omncane wabo onezinyanga eziyisithupha.