I-DA inxuse uNgqongqoshe wezoLimo, ezoMhlaba nokuThuthukiswa koMphakathi wasemaKhaya, uNkk Thoko Didiza ukuthi angenele ngokushesha odabeni lomkhuhlane wezinkukhu. Ilungu lePhalamende leDA uMnuz Noko Masipa, lithe bakhathazekile ngokudembesela kukangqongqoshe kulolu daba.
I-DA iphawule kanje emuva kokuvela kwezindaba zokubheduka kwe-Avian Flu ehlasela izinyoni nezinkukhu. Lokhu kusho ukuthi abalimi abahweba ngezinkukhu bangase bashayeke kakhulu. Kuvele nokuthi izinyoni ezingu 2 million sezivele zifile ngenxa yalo mkhuhlane ogasele mawala.
Kunjalo nje sekunetwetwe lokuthi nabathengi bazoshayeka kakhulu ngoba kuzophoqeleka ukuthi intengo yezinkukhu yenyuswe ngenxa yokuthi zizoshoda kakhulu.
I-DA ithe kungaba kuhle uma kungase kulekelelwe abalimi ngezinto zokwenza izaba ngalesi sikhathi esinzima. UMasipa uthe balindele umnyakazo obonakalayo kungqongqoshe.
“Kudingeka usizo olufana nomgomo, ukubhalisa izinkukhu nosizo lwemali kubalimi. Kufanele kulekelelwe ngezinhlelo zokuhlolwa kwezinkukhu kube nokubambisana kukahulumeni nezinhlaka ezizimele,’’ kusho uMasipa. Uthe bafisa ukuthi unqgongqoshe axegise imigomo nemibandela yokutholakala komgomo ngoba isimo sibi.
Uthe okunye wukuthi kufanele kuphuthunyiswe uhlelo lokuthi kuhlolwe izindawo zezinkukhu bese kuthi lezo ezihlabekile zihlale ngazodwana ukuze kungabhebhetheki isifo. i-DA ithe uma kunganakiwe ungaba mkhulu umonakalo ongadalwa yilesi sifo sezinkukhu.
“ Kufanele sizame ukunqanda ukusabalala kwalo mkhuhlane ukuze sihlenge imisebenzi yabantu eminingi bese sihlenga nabantu bakuleli abangase bashayeke ngokubiza kwezinkukhu. Sizoqinisekisa ukuthi abalimi bayasizakala ngokushesha okukhulu ukuze umkhakha wabo ungaze ushayeke uphele,’’ kusho uMasipa.