I-ANCYL KwaZulu-Natal isabisa ngokuqhubeka nombhikisho wayo wokukhipha iMeya kaMasipala waseMngeni, uMnuz Chris Pappas.
I-ANCYL ifuna uPappas ehle esikhundleni kulandela ukuvela kwezinsolo zokuthi inkampani yomlingani wakhe, uMnuz Jean-Pierre Prinsloo, yahlomula kumasipala.
Le nhlangano ihlela ukuba nombhikisho kusasa ozolibhekisa emahhovisi omkhandlu aseHowick.
NgeSonto uMasipala waseMngeni wathola isivimbelo senkantolo esinqanda umbhikisho we-ANCYL futhi usanda kuveza ukuthi i-ANCYL ayinayo imvume yokuba nombhikisho eHowick.
I-ANCYL ithe izoqhubeka nombhikisho wayo noma ngabe ayinayo imvume.
Umxhumanisi wethimba lesikhashana elihola i-ANCYL KwaZulu-Natal, uNksz Zamanguni Zondi, uthe abadingi ukuthi baze babe nemvume ukuze babhikishe.
UNksz Zondi uthe ngo-2018 iNkantolo yoMthethosiesekelo yakubeka kwacaca ukuthi abantu abadingi imvume ukuze babhikishe.
“Lesi sinqumo senkantolo sakhulula abantu ababecindezelwe imithetho eyashaywa uhulumeni wobandlululo. Kusukela manje uPappas kufanele azi ukuthi abantu abadingi imvume ukuze babhikishe noma baqhinqe.”
Umbhikisho we-ANCYL kwakukade kumenyezelwe ukuthi uzoba ngoMsombuluko kodwa wagcina ungasenzekanga.
UNksz Zondi uthe babheke ukuthi umbhikisho wabo wesekwe abamatekisi, izinhlangano zabafundi, ezenkolo nezamalungelo abantu.
“Ngeke sivume ukusatshiswa uPappas. UPappas kufanele azi ukuthi amaqhinga akhe ngeke asiqede amandla. Kufanele azame okunye ngoba ngeke sisatshiswe ukuthi athi uzosithathela izinyathelo zomthetho.”
UPappas uthe umasipala uzotshala izinhlaka zokuphepha ukuqapha umbhikisho we-ANCYL uma ugcine uqhubekile.
“Okufanele sikusho thina ukuthi asiphikisani nemibhikisho enokuthula. Thina esikulwelayo ukuba kulandelwe yonke imigomo futhi kuphinde kuhlonishwe amalungelo alabo abazobe bengeyona ingxenye yombhikisho.”
Inhlangano yabesifazane kwiDA eMngeni, iDA Women’s Network (DAWN), iwugxekile umbhikisho wakusasa.
Usihlalo weDAWN esifundeni iMooi-uMngeni, uNksz Kate Janse Van Rensburg, uthe umbhikisho uzophazamisa abazobe bezohola isibonelelo sezingane.
“Kuyasikhathaza ukuthi umbhikisho kuthiwe uzokwenziwa ngosuku lapho izinkulungwane zabantu zizobe zizohola isibonelelo sezingane. Umbhikisho uzophazamisa ukusebenza kwezikhungo eziholela abantu. Lokhu kuzoba nomthelela omubi.
“Imindeni eminingi eMngeni ithembele esibonelelweni sezingane. Ukuphazamiseka kokuholwa kwaso kuzoshaya kuzwele emindenini eminingi.”