BAYIZWA ekhaleni i-ANC abantu baku-ward 101, eMayvile, eThekwini, enqobe ukhetho lokuchibiyela ngamalengiso igcina le ward ngaphansi kulawulo layo.
Inqobe ukhetho obelungoLwesithathu, ngamavoti awu-2 309, ilandelwa i-IFP ngawu-787, kwathi i-EFF yabuya nawu-233.
I-Democratic Alliance ayilungenelanga lolu khetho ngokwezivumelwano enaso ne-IFP.
Lokhu kuchaza ukuthi uMnuz Simphiwe Khanyile, i-ANC efolose ngaye, usezofungiswa emkhandlwini abe yikhansela le ward.
Isikhala sobukhansela sivuleke kuxoshwa emsebenzini obeyikhansela le-ANC, uMnuz Mzimuni “Mzi” Ngiba ogqigqa inkantolo ngamacala amabili okubulala namabili okuzama ukubulala.
Usehlale izinyanga ezingu-20 ejele etokile futhi uyawaphika amacala athweswe wona.
Okhulumela i-ANC eThekwini, uMnuz Mlondi Mkhize, ubonge wanconcoza kubantu abavotele le nhlangano, wathi bakhombisile ngevoti.
Uthe abahlali batshengisile ukuthi i-ANC iyona kuphela abayethembayo ekubalethelenii intuthuko futhi yenze impilo yabo ibengcono.
Ube esenxenxa umphakathi usebenze ngokubambisana nekhansela ukuze kulungiswe inkinga yokuqoqwa kukadoti, kuvalwe amanzi avuzayo futhi kulungiswe nengqalasizinda ehambisa inyubathi.
Esitatimendeni esithunyelwe uSihlalo we-IFP eKZN, uMnuz Thami Ntuli, uthe nakuba bekhale ngaphansi kule wadi kodwa izibalo zabavotele iNkatha zikhombise ukukhula. UNtuli uthe ukuphuma kwabo isibili kuyizinkomba zokukhula kwe-IFP kulesi sifunda.
I-IFP inqobe i-ward 11 ebikade iphethwe i-ANC kuMasipala iNkosi Langalibalele (Estcourt).
Iwunqobe ngamavoti awu-1 008 kwathi i-ANC yathola awu-641. Isikhala sobukhansela savuleka emuva kokwesula kowayeyikhansela le-ANC.
Khonamanjalo: Izidlele amahlanga i-ANC igcina i-ward yayo okhethweni lokuchibiyela kuwadi 23, kuMasipala iRay Nkonyeni, ePort Shepstone. Iwole amavoti angu-2 093, yalandelwa yi-EFF ngawu-150 kwathi i-IFP yavuka nawu-49.