I-ANC ivikele uNgqongqoshe wezaMaphoyisa, uMnuz Bheki Cele, kwabamsola ngokwahluleka ukubhekana nobugebengu obudla lubi ezweni.
Ithe isajabule i-ANC ngomsebenzi owenziwa nguCele yize kukhona abafuna ukuthi axoshwe.
Lokhu kuvezwe wusihlalo wekomiti le-ANC elibhekele ukuthula nozinzo, uNksz Polly Boshiela, obekhuluma nabezindaba ngesikhathi kuqhubeka umhlangano wesigungu esiphezulu se-ANC.
UNksz Boishiela uthe basamethemba uCele, obehlezi eduze kwakhe esithangamini nabezindaba lapho bebekhuluma khona ngebanga eselihanjwe wuhulumeni wakuleli ukulwa nokumbiwa kwezimayini ngokungekho emthethweni.
“Ungqongqoshe akazange aziqoke yena kulesi sikhundla akusona, waqokwa wumengameli. Njengoba ngishilo ekuqaleni, njengosihlalo wekomiti ngiyasebenzisana noNdosi ukuqhamuka namasu amasha okulwa nobugebengu.
“Siyi-ANC siyamethemba futhi sizoqhubeka nokumeseka. Njengoba ungibona nje ngilapha nje asilali naye uNdosi, sizama ngazo zonke izindlela ukulwa nobugebengu.
Akukuhle ukuthi bese kugxekwa umuntu oyedwa ngokunyuka kobugebengu. Ukube thina siyi-ANC asijabule ngoCele ngabe kade samxosha. Sizoqhubeka nokumeseka.”
UCele uthe kuningi osekwenziwe wuhulumeni ukubhekana nokumbiwa kwezimayini ngokungemthetho.
Uthe baningi abantu asebeboshiwe ngamacala athinta ukumbiwa kwezimayini ngendlela engekho emthethweni, kwababoshiwe kukhona nongqondongqondo.
“Ngiyazi ukuthi kade kunesikhalo sokuthi sigcina ngokubopha abambayo, asikwazi ukuthola ongqondongqondo abahlomulayo kulobu bugebengu. Kunabantu abayisishiyagalolunye abasanda kuboshwa. Bonke laba bantu bangongqondongqondo abebehlomula kulobu bugebengu.
“Laba bantu banemizi emihle. Ngesikhathi sihambele emakhaya abo, sifike sabona ukuthi banempahla yasendlini esezingeni eliphezulu, eqhamuka e-Italy. Banezimoto zikanokusho. I-SIU (Special Investigating Unit) isiqale uhlelo lokudla izimpahla zabo.”
UCele uthe maduze uMengameli Cyril Ramaphosa, uzokwethula uhlelo lokulwa nalobu bugebengu oluzofaka phakathi amasosha naboMnyango wezaseKhaya.
UCele uthe amaphoyisa ayaqhubeka nokubopha abantu ababandakanyeka ekubanjweni inkunzi kwezimoto zemali.
Uveze ukuthi ngeSonto kuboshwe abanye abathathu ePhoenix abatholwe nezinto eziningi okubalwa nomfaniswano wamaphoyisa nomshini wokubala imali kanti kuyabonakala ukuthi benze ubugebengu obuhlelwe kahle.
Ucele ukuba abantu bakuleli babekezele ngecala lomrepha u-AKA wathi amaphoyisa bakhona abayamanisa nalo ngenxa yokuthi babonakala behla futhi belandwa yizimoto emuva kwecala. Uveze ukuthi nesibhamu naso esiyamaniswa necala sesikhona.
Uveze nokuthi uhlelo lwamaphoyisa lokulwa nobugebengu olusanda kwethulwa, i-Operation Shanela, lwenza kahle kakhulu.
Izolo ntambama bekulindeleke ukuthi uRamaphosa ethule inkulumo yokuvala umhlangano wesigungu esiphezulu oqale ngoMgqibelo.
Namhlanje kulindeleke ukuthi uNobhala jikelele we-ANC, uMnuz Fikile Mbalula, amemezele izinqumo ezithathwe emhlanganweni.