I-ANC isiqale izinhlelo zokukhipha ubuholi be-IFP kuMasipala waseNkosi Langalibalele kulandela ukuhlwitha iwadi lakulo masipala ebelikade liphethwe i-IFP.
I-ANC ikwaze ukunqoba uWard 14 ngesikhathi kunokhetho lokuchibiyela obelungoLwesithathu.
Le wadi ibikade iphethwe yi-IFP, isikhala savuleka emva kokuthi le nhlangano ixoshe ikhansela yalo eyayilisola ngokusebenzisana namanye amaqembu ukuketula ubuholi be-IFP emkhandlwini.
Alikho iqembu elathola izihlalo ezanele ukuthi libuse lo masipala ngokuzimela.
Bese kunesikhathi eside i-ANC ingenzi kahle kwizinketho zokuchibiyela komasipala baKwaZulu-Natal.
Okhulumela i-ANC KwaZulu-Natal, uMnuz Mafika Mndebele, uthe ukunqoba iwadi ebiphethwe i-IFP kwenyusa amathuba abo okuhlwitha umasipala.
“Njengamanje ubuholi be-ANC buxoxa nobuholi bamanye amaqembu ngezinhlelo zokukhipha ubuholi be-IFP kulo mkhandlu. Ukunqoba kwethu kuzophinde kusondeze i-ANC nezinhlangano esebenzisana nazo eduze kokuthatha uMasipala wesiFunda uThukela.”
Mumva nje, umbimbi lwe-ANC lukwazile ukukhipha i-IFP komasipala okungekho kubo iqembu elathola izihlalo ezanele ukuthi libuse ngokuzimela, okubalwa kuyo uMvoti noMasipala waseDannhauser.
UMndebele uthembise ukuthi bazosebenza ngokuzikhandla ukuhambisa izidingo kubantu bakulezi zindawo i-ANC esibuyele kuzo emandleni.
“Siyakwamukela ukunqotshwa kombimbi lwe-IFP neDA. Njengoba sasishilo ngeledlule ukuthi ubudlwelano be-IFP neDA buzoqontshwa, sekuya ngamagama enkehli.”
USihlalo we-IFP KwaZulu-Natal, uMnuz Thami Ntuli, uthe bayaphikisana nemiphumela yale wadi.
UNtuli uthe bafake isikhalazo esisemthethweni kwinhlangano eyengamele ukhetho, i-Electoral Commission of South Africa (IEC), besola inkohlakalo.
“I-IEC siyinikezile ubufakazi benkohlakalo. Sinxusa ukuba iphenye lezi zinto esikhala ngazo.”
I-IFP ikwazile ukunqoba amawadi amathathu komasipala baKwaZulu-Natal obekunokhetho lokuchibiyela kubo.
Le nhlangano inqobe amawi amabili kuMasipala waseNkosi Langalibalele, yaphinde yanqoba noWard 29 kuMasipala wase-Alfred Duma.
Onke la mawadi abekade ephethwe yiyo le nhlangano.
UNtuli ubonge abantu abavotele kula mawadi.
Kolunye ukhetho lokuchibiyela obeluKwaZulu-Natal, iDA ikwazile ukuwina uWard 11 kuMasipala waseThekwini.
Le wadi ibikade ivele iphethwe yiyo iDA, isikhala savuleka emva kokwesula kwekhansela layo.
Le nhlangano ikwaze ukukhuphula isibalo samavoti eyasithola kule wadi ngo-2021, sasuka ku-40% saya ku-57%.
Umholi weDA KwaZulu-Natal, uMnuz Francios Rodgers, uthe le miphumela iyizikomba zokuthi iDA izokwenza kahle okhethweni lukazwelonke oluzokuba ngonyaka ozayo.