I-ANC ithi ikhathazekile ngokuqhubeka kokucinywa kukagesi ngenhloso yokuwonga, okuyinkinga esiqhubeke isikhathi eside ngakho sekuyisikhathi sokuthi kube khona abathathelwa izinyathelo.
Okhulumela i-ANC kuzwelonke, uMnuz Pule Mabe, uthe siyabakhathaza lesi simo esiqhubeka enkampanini ekhiqiza ugesi, i-Eskom.
Izolo izwe linyuselwe esigabeni sesithupha sokucinywa kukagesi ngenhloso yokuwonga.
UMabe ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba emva kokuhlola indawo lapho kuzoba nengqungquthela yokukhetha ubuholi be-ANC.
Uthe ukucishwa kukagesi kunomthelela ongemuhle kwezomnotho njengoba kuphazamisa ukusebenza kwezimboni.
Uthe sekuyisikhathi sokuthi kube khona abathathelwa izinyathelo e-Eskom.
“Sikhathazekile ngalesi simo. Bengingazi ukuthi sesifakwe ngaphansi kwesigaba sesithupha. Angicabangi ukuthi kwanele ukuthi silokhu sithi i-Eskom ayithathe izinyathelo. Abantu bakuleli lizwe balindele lukhulu kithi esingubuholi be-ANC. Siphelile isikhathi sokukhuluma manje. Sifuna ukubona kuthathwa izinyathelo.
“Kufanele kuthathwe izinyathelo ngokushesha, ukuze abantu bakuleli bezobuyelwa yithemba, kuphinde kube nozinzo. Kufanele uma sikhuluma, sikhulume ngezinto ezibambekayo, singenzi izethembiso.”
UMabe uthe sekukaningi beyi-ANC becela ukuba banikezwe imibiko ngokwenzela e-Eskom, kodwa abakaze bathole imibiko egculisayo.
Ebuzwa ukuthi ngabe kufanele yini sikhonjwe indlela isikhulu esiphezulu se-Eskom, uMnuz Andre De Ruyter noNgqongqoshe wezamaBhizinisi kaHulumeni, uMnuz Pravin Gordhan, uMabe akazange aphume obala.
“Ziningi izinto okungafanele zibhekwe ngaphambi kokuthi kuthathwe isinqumo esinjengaleso.”
I-ANC izoba nengqungquthela yokukhetha ubuholi ngesonto elizayo, eNasrec, eGoli.
Ushisa phansi umbango wezikhundla njengoba kubhekwe engqungqutheleni.
Umbango wokuhola i-ANC uphakathi kukaMengameli Cyril Ramaphosa, ofuna ihlandla lesibili, nelungu lesigungu esiphezulu, uDkt Zweli Mkhize, ophonsela inselelo uRamaphosa.
Izolo i-ANC ikhombise abezindaba indawo lapho kuzosingathwa khona ingqungquthela yangesonto elizayo.
UMabe uthe wonke amalungiselo engqungquthela ahamba kahle.
Uthe baningi abantu abakhombise intshisekelo yokuhambela ingqungquthela yangesonto elizayo.
Zingaphezu kuka-4 000 izithunywa ezizokuba sengqungqutheleni.
Mayelana nezokuphepha zizokube ziqinile engqungqutheleni njengoba izobe ihanjelwe ngisho nayizicukuthwane eziqhamuka emazweni angaphandle.
“Akekho umuntu ozongena ngaphandle kokuthola imvume. Bonke abantu abazonikwa izimvume zokungena engqungqutheleni, bazobhekisiswa kahle.”