ISAZI somnotho, uSolwazi Bonke Dumisa sithi ukwehla kwamandla emali asuke ku-5,9% ngo-Okthoba eya ku-5,5% ngoNovemba kufanele kuthathwe njengezindaba ezinhle ngoba kuzokwehlisa intengo kaphethroli nodizili ngoJanuwari.
UDumisa uthe okwamanje iBhange loMbuso, iSouth African Reserve Bank (Sarb), akaliboni liyehlisa imalimboleko ngenxa yokuthi lifuna amandla emali abe phakathi kuka-3% no-6%.
“Kuyizindaba ezinhle ukuthi amandla emali ehlile njengoba ebe ku-6.9% ngo-Okthoba. Kuhle ngoba kuzokwehlisa intengo kadizili nophethroli. Lokhu kuzokwehlisa intengo yokudla ezitolo ngoba ukudla okuningi kuthuthwa ngamaloli futhi abalimi basebenzisa udizili kakhulu emaplazini abo,” kusho uDumisa.
Uthe uma ikomiti leSarb lihlangana ngonyaka ozayo, lizobheka lezi zibalo bese liyishiya iku-8.25% imalimboleko.
I-StatsSA iveze ukuthi yize amandla emali ehlile kodwa ukudla kusaqhubeka nokubiza.
Kuvele ukuthi intengo yenyama isuke ku-3.4% ngo-Okthoba yaya ku-3,5% ngoNovemba.
Ukuqubuka komkhuhlane wezinkukhu nakho kube nomthelela ekunyukeni kwenyama yenkukhu namaqanda. Intengo yamaphisisi enkukhu isiwu-7.3% isuka ku-5.5% ngo-Okthoba. Eyamaqanda selokhu kwaqubuka umkhuhlane wezinkukhu inyuka ngo-10,6% njalo ngenyanga kanti lokhu kusho ukuthi isifinyelele ku-39,9% kulo nyaka isuka ku-24,4% eyayikuwona ngo-Okthoba.
Intengo kashukela, uswidi nama-desserts isiku-18.5% isuka ku-17.6% ebikuwona ngo-Okthoba.
Kuvele ukuthi intengo kashukela omhlophe inyuke ngo-21.4% eyoshukela onsundu inyuke ngo-23.7% bese kuthi ekashokoledi inyuke ngo-11.8%.
Kuvele ukuthi isinkwa nama-cereals kwehlile njengoba kuku-8.5% ngoNovemba kusuka ku-8.8% ngo-Okthoba.
Intengo yamafutha nayo yehle kancane njengoba iku-23.5% isuka ku-23. 6%.
Abanemizi babike ukuthi kunyukile ukubiza oplamba nabalungisa ugesi njengoba sekumi ku-7.4% kulo nyaka.
Imithi ethengwa ekhemisi inyuke ngo-7.5%. Imithi abazithengela yona abantu abasuke bengayaleliwe wudokotela, okubalwa ama-vitamin inyuke ngo-13.2%, owesilungulela unyuke ngo-12.6%, owezinhlungu 12.3% bese owomkhuhlane wanyuka ngo-10.3%.