KUZOBA ukheth’ khethu okhethweni lwalo nyaka lukazwelonke njengoba engu-101 amaqembu ezepolitiki abengamelelekile ePhalamende naseziShayamthetho zezifundazwe, akwazile ukuhlangabezana nomnqamulajuqu wokungenela ukhetho.
Akugcinanga ngalawa maqembu kuphela, kodwa nabangenela ukhetho ngokuzimela abazobe beqala ngqa ukuba yingxenye yalolu khetho, bangu-16 abagcine bekwazile ukungena.
Lezi zibalo zivezwe yikhomishini yezokhetho i-Independent Electoral Commission (IEC), eveze ukuthi angu-115, amaqembu akwazile ukuhlangabezana nalo mnqamulajuqu nakuba kusazohlungwa kahle kubhekwe ukuthi zonke izinto azilethile.
Okhulumela i-IEC, uNkk Kate Bapela, uthe amaqembu angu-14 abevele emelelekile akwazile nawo ukuhlangabezana nomnqamujuqu yingakho engu-115 amaqembu esewonke.
Uveze ukuthi bangu-11 abangenela ukhetho ngokuzimela abangenele ezifundazweni.
“Njengoba kuvalwe ngoLwesihlanu ukulethwa kwezimfanelo, sizocubungula ukuthi zonke izinto ebezidingeka zikhona yini. Uma kungukuthi ezinye zazo azikho, lelo qembu noma ongenela ukhetho ngokuzimela uyochithwa, angakwazi ukuba yingxenye yokhetho,” kusho uNkk Bapela.
Uthe ngoMashi 22, bazokwazisa amaqembu kanjalo nalabo abangenela ngokuzimela abavela ohlwini lwamanye amaqembu.
“Amaqembu azonikwa kuze kube uMashi 25, ukuthi asuse lowo muntu ovela kulonye uhlu. NgoMashi 26 no-27, ikhomishini izovula ithuba lokuthi kuhlolwe uhlu lwabantu amaqembu azobajuba ePhalamende naseziShayamthetho.”
Uveze ukuthi ngo-Ephreli 10, kuzobe sekuvezwa bonke abazongenela ukhetho bese kugaywa amaphepha okuvota
Mayelana nokuputshuka kohlu lwamaqembu i-ANC noMkhonto weSizwe ngoLwesihlanu ebusuku, ikhomishini ithe iyaphenya ngoba kuvela ukuthi lwaputshuka ngaphakathi kwikhomishini.
Isikhulu esiphezulu sekhomishini uMnuz Sy Mamabolo, sithe bazokwehlisa nesibalo sabantu abakwazi ukubona imibiko ngaphakathi kwikhomishini ukuze kungabi nokuputshuka kweminye imibiko.
Uthe yingakho bejube uphenyo ukuze bathole owenze lokhu.
UMengameli we-ANC nezwe, uMnuz Cyril Ramaphosa, uthe nakuba uhlu luputshukile kodwa abantu abayethembe ikhomishini.
Uveze ukuthi ngenxa yalokhu abantu abaqhubeke babe nethemba ekusebenzeni kwekhomishini nokuthi ukhetho kuzoba ngolukhululekile.