Kulindeleke ukuthi baphinde bavele eNkantolo yeMantshi Kabokweni namhlanje, abazali abebeboshelwe elokudlwengula ingane yabo, ngecala lokufihla ukufa komuntu.
Lokhu kuvela ngemuva kokumbiwa kwesidumbu sengane yomfana enonyaka izelwe egcekeni elisendlini yabazali ababoshiwe.
Laba bazali baboshelwe ukunukubeza ingane yabo yentombazane okukholakala ukuthi iphakathi kweminyaka engu-14 no-15 endaweni yasePienaar, eMpumalanga.
Kunezinsolo zokuthi ingane ibidlwengulwa usingababa wayo elekelelwa ngunina oyizalayo oneminyaka engu-35 ubudala.
Laba bazali bavelile eNkantolo yeMantshi Kabokweni, icala labo lahlehliselwa uJuni 14, nonyaka.
Amaphoyisa aveze ukuthi udaba lokunukubezwa ngokocansi kwale ngane yinto ebineminyaka yenzeka kodwa ifihliwe.
Ithumba kuthiwa liqhume lapho ingane ibaleka ekhaya kanti izozithela kowesilisa obeyithembisa ukuyinakekela kanti naye uzokwandisa izinkinga ngokuthi ayidlwengule.
Amaphoyisa asephenya imbangela yokufa kwengane yomfana, kanti bobabili abazali bangabasolwa. Ophenyweni lwamaphoyisa kuvele ukuthi bobabili abazali bangabokufika, badabuka eMozambique, kanti kabanazo izincwadi zokuba kuleli.
“Udaba lusukunyelwe ngomakhelwane ababikele amaphoyisa ngale nkinga ngesonto eledlule,” kusho okhulumela amaphoyisa aseMpumalanga.
“Amaphoyisa asebenzisane noMnyango wezaseKhaya ukuqinisekisa ubuzwe babasolwa.”
“Umphakathi uveze ukukhathazeka ngokuthi sekunesikhathi ingane ingabonwa futhi ukube ishonile ngabe bawuhambela umngcwabo. Yilapho amaphoyisa afike khona kubo kwengane azithela phezu kwethuna elisemumva kwendlu ohlala abazali bayo ingane,” kuqhubeka yena.
Kuthiwa ngoLwesithathu olwedlule, kumbiwe egcekeni nokuyilapho okutholakale khona isidumbu sengane yomfana encane.
Kuvulwe icala baphinde baboshwa bobabili abazali. Uphenyo mayelana nokufa kwengane luyaqhubeka.
Namuhla bavela ngelinye icala lokutholakala kwesidumbu sayo ingane.