KUPHELA amaphupho namuhla ngesiphakamiso esenziwa yiqembu eliphikisayo iDA, sokuthi kuhlakazwe umkhandlu weTheku, eliwusola ngokwehluleka wukuhambisa izidingo ebantwini. I-DA, iqembu eliphikisa ngokusemthethweni eThekwini, ifake isiphakamiso okufanele sivotelwe namuhla.
Umthetho wokuphathwa kwemikhandlu ugunyaza ukuthi uma kwenzekile umkhandlu uhlakazwa, kufanele kuhlelwe ukhetho ezinsukwini eziwu-90.
UMasipala weTheku uphethwe yi-ANC, ngokubambisana neNFP besizwa yi-EFF. Ukuphathwa ngokubambisana komkhandlu kwenzeka emuva kokuthi lingabangakhona iqembu eliwine ngoqekelele, emuva kokhetho lukahulumeni wasekhaya ngo-2021.
Umhlangano womkhandlu wamakhansela aseThekwini, uzohlala ekuseni e-ICC, lapho okulindeleke ukuthi kube nenkulumompikiswano ngesiphakamiso bese kuyavotwa. I-DA ithe ifake isiphakamiso ngenxa yokuthi abantu baseThekwin, abeneme ngendlela umkhandlu ophethwe ngayo.
I-DA ithe umhlangano uzobe uthanyelwe nguMholi wayo KwaZulu-Natal, uMnuz Francois Rodgers. Kuzobe kukhona iMeya yaseMngeni, uMnuz Chris Pappas, ongenele umbango wesikhundla sikandunankulu wesifundazwe.
Abe-DA bathe bazobe benombhikisho ngaphandle kwendawo yomhlangano lapho bezobe benxusa wonke umuntu ukuba eseke isiphakamiso sabo.
UMasipala weTheku ukhiphe isaziso somhlangano kodwa wabeka ngokuthi wukuqhubeka komhlangano owanqamuka ngoJanuwari 31, 2024. UMasipala weTheku uthe lona wumhlangano ojwayelekile ngokwemithetho yokuphathwa komkhandlu.
I-DA KwaZulu-Natal phambilini ike yasola uSomlomo weTheku, uMnuz Thabani Nyawose, ngokushaya isikhekhelembana enqaba ukwemukela isicelo somhlangano womkhandlu. I-DA ibisola uNyawose ngokuthi unqaba ngabomu ngoba vele naye uyi-ANC, usaba ukuthi bazoketulwa.
UNyawose wayekhala ngokuthi isicelo somhlangano sasingibhaliwe ngendlela.
Sekube nemizamo eminingi yokukhipha i-ANC emandleni kuMasipala weTheku, muva nje iMeya uMnuz Mxolisi Kaunda, isinde kukubi esiphakamisweni sokungayethembi.