KUZOPHELA ukulinda amalayisensi okushayela umlibe njengoba iNingizimu Afrika isizoba nomshini omusha wokuwashicilela.
Lezi zindaba zimenyezelwe wuNgqongqoshe wezokuThutha uNkk Sindisiwe Chikunga kuleli sonto.
“Izinhlelo zokuthenga umshini omusha wokushicilela amalayisensi okushayela sezizophothulwa. Silindele ukuthi uma kuphela le nyanga ube usukhona.
“Uzoqale uhlolwe ukuthi usebenza kahle yini lomshini olandwe eFrance,” kuchaza uNkk Chikunga.
Uthe bazobe sebeshicilela amalayisensi amasha kule nyanga njengoba bezimisele ukuthi umshini omusha uqale ushicilele amalayisensi awu-100 kwisifundazwe ngasinye.
Kuzokhumbuleka ukuthi ukushicilelwa kwamalayisensi bekubambezeleka ngenxa yokuthi umshini wokuwashicilela ubufa njalo.
Lo mshini wawuthengwe eGermany ngo-1998, ubuthi uma ufile kume ukushicilelwa kwamalayisensi, kwazise izipele zokuwulungisa bezilandwa eGermany.
Ngonyaka odlule uMnyango wezokuThutha wabika ukuthi awu-350 000 amalayisensi alinde ukushicilelwa njengoba umshini ubufa njalo.
UMnuz Fikile Mbalula owayenguNgqongqoshe wezokuThutha waveza ukuthi izinsimbi zokuwulungisa azikho kuleli futhi naseGermany abasalusebenzisi lolu hlobo lomshini ukushicilela amalayisensi.
Yikhona lokhu okwenza ukuthi uNkk Chikunga anqume ukuthenga umshini omusha wokushicilela amalayisensi.
Uveze ukuthi amalayisensi amasha azohluka kakhulu kwamadala njengoba ezokwazi ukusebenza nakwamanye amazwe.