IZOBHUNGWA emkhandlwini wokuxazulula ungqingetshe nezivuka emaminithini ngaphansi kukahulumeni wokubambisana kwamaqembu iGovernment of National Unity (GNU), eyemithetho yezwe okunemvunge ngayo, neyenguyazana ngesimo sezwe.
Kulo mkhandlu kuzobhungwa nangazo zonke ezinye izinselelo ngaphansi kwalo hulumeni ohlanganisa amaqembu angu-10, abambisene.
Lokhu kudalulwe yihhovisi lePhini likaMengameli wezwe uMnuz Paul Mashatile, elingumholi wezamabhizinisi kahulumeni ePhalamende.
Indaba yomthetho wezikole osuse umsindo usayinwa muva nje, iBela ngenye yezinto okuzobhungwa ngazo emhlanganweni womkhandlu ozoba ngelizayo.
UMashatile uthe babe nomhlangano wokuqala womkhandlu kuleli sonto. Uthe umkhandlu wasungulwa nguMengameli Cyril Ramaphosa, ukuze kuxazululwe izinkinga ezikhona kwiGNU.
“Emhlanganweni wokuqala esibe nawo kubekwe uhlaka lwemigomo okuzosetshenzwa ngayo ezogunyazwa emhlanganweni ozoba ngoLwesine, ePhalamende. Kulo mhlangano sizothola imibiko ehlukene okubalwa amalungiselelo omhlangano omkhulu weG20 ozobanjelwa kuleli ngonyaka ozayo, eyamalungiselelo ngenguyazana ethinta isimo sezwe kanjalo nomthetho wezikole iBela.”
Kuzokhumbuleka ukuthi uRamaphosa wamisa ukusebenza kwezigatshana ezimbili zomthetho iBela ngoba efuna kuxoxwe ngazo ngenxa yezikhalazo zamaqembu ahlukene okubalwa neDA.
Amanye amaqembu aphikisayo ayengayizwa eyokusayinwa kwalo mthetho ekhala ngezinto eziningi kuwona.
UMashatile uveze nokuthi emhlanganweni kuzobhekwa neyezinselelo ezithinta ohulumeni ezifundazweni nowasekhaya.
“Sivumelene ukuthi kuzobakhona ukungaboni ngaso linye ikakhulu kohulumeni abahlukene ngenxa yokubambisana. Kodwa okubalulekile ngukuthi kumele kulandelwe imigomo eyabekwa kubunjwa lo hulumeni,” kuqhuba uMashatile.
Uthe banezinhloso beyilo hulumeni, ukukhulisa umnotho, ukwakha amathuba emisebenzi, ukwehlisa indlala nobubha, ukwakha uhulumeni othuthukayo nokunye.
Uveze ukuthi nakuba ukhona lo mkhandlu kodwa iKhabhinethi iyona enezwi lokugcina ngokumele kwenzeke kuhulumeni.
Kwenzeka lokhu nje iGNU ibigubha izinsuku ezingu-100 ibambisene kuhulumeni.
Amaqembu ngokwehlukana kwawo aveze izinto ezenziwe ngalesi sikhashana engene emandleni ikakhulu lawo abambisene.
Amanye aphikisayo asaqhubeka nokugxeka uhulumeni wokubambisana.
Iqembu eliphikisayo ePhalamende iMK, lithe ukufika kwalo emuva kokhetho, kuhlalise ngesinqa esisodwa uhulumeni wokubambisana, kwabavusa emaqandeni ongqongqoshe.
Lithe ngesikhathi i-MK ingakafiki, ongqongqoshe bebezenzela umathanda.
Lichithe ukuthi kukhona okuhle okwenziwe uhulumeni wokubambisana.