UKUXEGA kwesandla somthetho olawula uphuzo oludakayo sekuvulele amasango izingane, ikakhulu ezingabafundi, esezinkintsha inhlobonhlobo yotshwala isidana.
Muva nje izingqapheli zizwakalise ukukhathazeka ngedumela lesimehlane sotshwala esibizwa nge-bug shooter, esidayiswa ngo-R14 ezitolo.
Isolezwe lithole ukuthi abantu abasha ikakhulu abenza amabanga aphezulu yibo abamandla kulesi siphuzo.
Ngaphandle kokuphuza, kuthiwa abantu abasha babuye babufihle utshwala ngokwenza iziqeda ngabo ukuze kubukeke sengathi bazincelela lesi siqedakoma.
UMnuz Brush Mncadi, onguSihlalo weSisonke Liqour Traders Association, uthe bakhathazekile ngokuxhaphaka kotshwala ezinganeni ngoba umthetho ukubeka kucace ukuthi abudayiselwa abaneminyaka engaphansi kuka-18.
“Kuyasikhathaza ukuthi izingane ziyakwazi ukuthola utshwala kalula yize thina silandela umthetho wokuthi abudayiselwa abangaphansi kweminyaka ewu-18, abakhulelwe nasebedakwe kakhulu. Ucwaningo esilwenzile luveza ukuthi izingane ziqala ukuphuza zineminyaka ewu-12. Lokhu kusho ukuthi kufanele sibuyele emuva, izingane siziyale ukuze zithathe izinqumo eziphusile,” kuchaza uMncadi.
Uthe abanikazi bezindawo zotshwala abangamalungu eSisonke Liquor Traders Association, abavumi ngisho izingane eseziqede ukubhala ukuba zizokwenza umcimbi ezindaweni zabo.
Uveze ukuthi basebenzisana namakhansela nabanye abaholi bomphakathi ukuthi kukhulunywe nezingane ngoba babona izingane zamantombazane seziphuza ukudlula ezabafana.
Uhlabe umkhosi kubazali ukuthi bayeke ukushiya utshwala budedengu emakhaya futhi bazihluphe ngokuthi izingane imali yazo ziyenzani.
Usho kanje uMncadi ngemuva kokusabalala kwezithombe zezingane ezaziwa ngama-2k ezinkundleni zigoxa utshwala zifake imifaniswano yesikole, zibhiyozela ukuqeda izivivinyo zokuphela konyaka.
“Sithola ukuthi abazali baphathisa izingane oR10 kuya phezulu. Yiyona le mali eziyisebenzisayo ukuthenga izimehlane nomzambiya. Uthola ukuthi ibhodlela likagologo womzambiya liwu-R50, ngakho ziyahlanganisa lezi zingane bese ziphuza. Kufanele sishintshe indlela esizijabulisa ngayo singabazali. Akungadakwa ubaba, kudakwe nomama ekhaya ngoba ingane igcina ingasazi ukuthi yenze njani,” kweluleka uMncadi.
Umsunguli wenhlangano egqugquzela abantu ukuthi bangaphuzi iTribe Sober, uNkk Janet Gourand, uthe kubalulekile ukuthi abantu baziqhelelanise notshwala ukuze bahlale bephile kahle emzimbeni nasengqondweni.
Uthe utshwala abahlukumezi kuphela obuphuzayo kodwa nalabo abasondelene naye futhi bukhahlameza nomzimba, bugugise umuntu.