AMAQEMBU aphikisayo akhala ngokuthi ukunyuswa kwemali kagesi namanzi wuMasipala waseThekwini kuzoshaya kuzwele kulabo abakhokhela lezi zidingo.
Amaqembu aphikisayo athe ukunyuswa kakhulu kwale mali kuzokwenza ukuthi babe baningi abantu abazohluleka ukukhokhela lezi zidingo zomkhandlu.
Lokhu bakusho emva kokwethulwa kwesabelomali somkhandlu, esithulwe iMeya uMxolisi Kaunda, ngoLwesihlanu.
Ugesi uzonyuka ngo-12.7%, amanzi wona azokwenyuka ngo-12.9%.
UKaunda uthe ngokomthetho kwakukade kuhlongozwe ukuthi ugesi unyuke ngo-14%, amanzi wona kwakuhlongozwe ukuthi anyuke ngo-14.9%.
“Njengohulumeni olalelayo, sinqume ukunciphisa imali kagesi namanzi emva kokuthola izikhalazo zomphakathi. Imali okuzonyuka ngayo ugesi isiyefana nalena i-Eskom eyikhuphule ngayo. Imali esinyusa ngayo amanzi yona siyinciphise ngo-2%.”
Amaqembu aphikisayo athe inkulu kakhulu le mali okukhushulwe ngayo.
Ikhansela leDA, uMnuz Thabani Mthethwa, uthe bekufanele inganyuswa imali yokukhokhelwa kwezidingo.
“Into eyinkinga kakhulu ukuthi umasipala uyehluleka ukuhambisa izidingo. Wonke umuntu ohlala eThekwini uyazi ukuthi umasipala uyehluleka ukuhambisa izidingo. Akuwenzi umqondo ukuthi thina sihlale lana sikhulume indaba yokukhuphula imali yezidingo ekubeni umasipala wehluleka ukuhambisa izidingo.”
Ikhansela le-ActionSA, uMnuz Zwakele Mncwango, uthe kubukeka sengathi umasipala ujezisa kakhulu labo abakhokhela izidingo.
“Abantu abakhokhela izidingo ibona abazoshayeka kakhulu. Lemali okuzonyuswa ngayo imali yezidingo inkulu kakhulu. Lento izokwenza ukuthi kuvalwe amabhizinisi, nokuzokwenza ukuthi abantu abaningi balahlekelwe imisebenzi. Okuyolandela lapho ukuthi abantu abaningi bangabi nayo imali yokukhokhela izidingo.”
Amakhansela e-ANC, EFF namanye amaqembu amancane avota ne-ANC, akuvikele ukunyuswa kwemali yezidingo.
La makhansela athe umasipala kufanele uqoqe imali ukuze uzokwazi ukuqhubeka nokuhambisa izidingo.
Isabelomali somkhandlu singu-R67 billion.
Imali eningi yabelwe ukulungisa ingqalasizinda yamanzi nekagesi.
Imali ebekelwe ukulungisa ingqalasizinda kagesi uR21.5 billion, eyamanzi yona uR11.6 billion.
UKaunda uthe lesabelomali sibhekelele kakhulu abahlwempu.
“Njengoba kuphela iminyaka engu-30 sathola inkululeko, sifuna ukushintsha izimpilo zabantu. Omasipala ibona abahambisa izidingo eziningi kubantu.”