BASENGCUPHENI yokudlelwa impahla abazokwephula umthetho womgwaqo uma sekusebenza, i-Administrative Adjudication of Road Traffic Offences (AARTO).
Lezi zindaba zidalulwe ngoLwesine nguNgqongqoshe wezokuThutha kuzwelonke, uNkk Sindisiwe Chikunga, esithangamini sabezindaba eGoli.
Ungqongqoshe uthe i-Aarto izoqinisa ezokuphepha emigwaqweni ngoba ziningi izingozi ezidalwa ngabashayeli ababudedengu.
“Isinqumo senkantolo yomthethosisekelo sikhombisa ngokusobala ukuthi i-Aarto ayiphambene nomthetho futhi sikulungele ukuyiqala siwuMnyango wezokuThutha. Silindele ukuthi ibe isisebenza ngokugcwele komasipala abawu-69 kulo nyaka bese kuthi abanye balandele ngoJulayi wonyaka ozayo,” kusho uNkk Chikunga.
Uthe abazokwephula imithetho yomgwaqo okubalwa, ukushayela uphuzile nokushayela budedengu bazojeziswa kanzima.
“Izigwebo zokwephula imithetho ngaphansi kwe-Aarto ziqine kakhulu ngoba abazolahlwa amacala bangavalelwa ejele noma badlelwe impahla,” kusho uNkk Chikunga.
Udalule nokuthi bayalusukumela udaba lokushiswa kwamaloli futhi usebenzisana namaphoyisa ukuthi izigebengu eziwashisayo zijeziswe kanzima.
“Abashisa amaloli bafuna ukuwisa umnotho wezwe, bakha isithombe esibi emhlabeni jikelele ngezwe lethu. Impahla ethwalwa ngamaloli isuke iya emachwebeni amakhulu noma isuka emachwebeni iya emakhasimendeni ahlukene. Kubi kakhulu ukuthi impahla mhlawumbe esuka e-Australia, igcina ingafika endaweni efanele. Yingakho sesinethimba eliyisipesheli elibhekele izingqinamba zokushiswa kwamaloli,” kuchaza uNkk Chikunga.
Uthe zikhona izithangami zabashayeli bamaloli abakhala ngokuqashwa kwabokufika, waveza ukuthi abanye abashayeli abawusizi uMnyango wezabaSebenzi uma usuthi abakhombe izinkampani eziqasha abokufika.
Ugqugquzele abanezikhalo ukuthi bazethule ngendlela efanele.
Wethembise ukuthi luyasukunyelwa udaba lolayini abade emachwebeni aKwaZulu-Natal, njengoba iTransnet inohlelo lokubiza amaloli ukuze angene echwebeni angalindi isikhathi eside.
Uthe kuzoba nomthetho obhekelela ukusebenza kwabathutha abantu besebenzisa ubuchwepheshe besimanje i-e-hailing njengoba sebeke baxoxa nemboni yezokuthutha.
Mayelana nokubhodloka komgwaqo eGoli, uthe okwamanje isaphenywa imbangela yize kusolakala ukuthi kuqhume igesi.
Uthembise ukuthi uzohlanganisa amehlo nabemboni yamatekisi ukuzwa ukuthi kudaleke umonakalo ongakanani ngakubona.