AMAPHOYISA axwayisa abantu abasabalalisa izinto ezingamampunge ezinkundleni zokuxhumana, befaka itwetwe kubahlali, ukuthi bazowukhomba umuzi onotshwala.
Lesi sixwayiso esishubile silandela ukusabalala kwenkulumo eqoshiwe ethi kunabantu ‘abangamaqabane’ abangu-11 abadutshulwe KwaXimba, KwaZulu-Natal.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda, uthe ngamampunge okuqukethwe kule nkulumo futhi bazobhekana nengalo yomthetho abagila le migilingwane.
Uqhube wathi kule nkulumo eqoshiwe kuhubhuzwa amanga kuthiwa kunemoto ehamba abantu asebedubule emizini emine KwaXimba.
“Amaphoyisa ayasigxeka lesi senzo futhi singakuqinisekisa ukuthi yinto engekho okukhulunywa ngayo. Sikhuza umphakathi ukuthi uhlukane nokwenza izitatimende ezingamampunge ezingase zisuse uthuthuva noma zifake abantu ingebhe,” kusho uNetshiunda.
Uveze nokuthi asikho isigameko salolu hlobo noma esithinta ipolitiki esibikiwe ukuthi senzeke KwaXimba namaphethelo.
Ukhuze abenza lo mkhuba wathi abawuyeke ngoba ungase uqubule udlame emphakathini kungenjalo bazobhekana nengalo yomthetho.
Ukhuthaze abantu ukuba bazibike ngokushesha emaphoyiseni izigameko zodlame noma ezokusongelwa, kuhlanganisa nalezo ezithinta ipolitiki.
“Amaphoyisa ami ngomumo futhi anezinhlelo zokuqapha izakhamuzi futhi agcine ukuthula kusukela manje kuze kudlule ukhetho,” kusho uNetshiunda.
Kwesinye isigameko, amaphoyisa akhuze nabasabalalisa inkulomo eqoshiwe ethi kuneziboshwa ezingu-31 ezeqe elolini ebizihambisa enkantolo zisuka ejele iNew Prison.
Amaphoyisa athe le nkulumo eqoshiwe indala, ikhuluma ngesigameko esenzeka ngo-2021.
Ngokusatshalaliswa kwale nkulumo kabusha kuhloswe ukufaka abantu ingebhe futhi kuphazanyiswe nomsebenzi wamaphoyisa esikhathini esimqoka kangaka,” kuchaza amaphoyisa.