BAHLEKA kuvele elomhlathi osomabhizinisi abawu-22 baKwaZulu-Natal abayokhangisa imikhiqizo yabo kwi-Intra Africa Trade Fair (IATF), eCairo, e-Egypt.
Lo mbukiso omkhulukazi wezohwebo uqala ngoNovemba 9 uphele ngoNovemba 15.
Osomabhizinisi abahambayo bavela emikhakheni ehlukene okubalwa owemfashini, ukudla, izimonyo, imithi neminye.
Bahanjiswa yinhlangano yezohwebo KwaZulu-Natal, iTrade and Investment KwaZulu-Natal, ibambisene nezinye izinhlaka.
Omunye wosomabhizinisi abahambayo, uNkk Sibongile Mtsabe uthe ukuya kwi-IATF kuzobasiza ukungena kwizimakethe zamazwe ahlukene.
"Sibonga iTIKZN nezinhlaka esebenzisana nazo ngoba amabhizinisi ethu asekwelinye izinga manje. Sifunde ukuzikhangisa sathola noxhaso lokuthenga imishini eyenza umsebenzi usheshe. Thina senza ama-chips ngamadumbe. Senze neminye imikhiqizo enempilo," kusho uNkk Mtsabe.
Inkampani yakhe, iSibocali Foods, idayisa umkhiqizo wayo ezitolo ezinkulu okubalwa iManolis, Oxford nezinye izitolo ezizimele.
Le nkampani iqalwe wuNkk Mtsabe eyedwa ngo-2013, kanti manje iqasha abantu abayisishiyagalolunye.
Isikhulu esiphezulu esisabambile eTIKZN, uMnuz Sihle Ngcamu, sithe amabhizinisi aya eCairo azokwandisa uhwebo phakathi kwalesi sifundazwe namanye amazwe ase-Afrika.
Siveze ukuthi uhwebo phakathi kwamazwe ase-Afrika neKwaZulu-Natal lumi kuR60 billion.
Kuleyo mali, amazwe ase-Afrika aletha impahla kaR8 billion KwaZulu-Natal, kanti lesi sifundazwe sidayisela amanye amazwe impahla kaR52 billion.
"Osomabhizinisi abahambayo bazokwandisa impahla ethunyelwa kwamanye amazwe ukuze kungene enye imali KwaZulu-Natal. Siyazi ukuthi uma yanda imikhiqizo yalesi sifundazwe ethunyelwa kwamanye amazwe kusho ukwanda kwamathuba omsebenzi," kusho uNgcamu.
Ibamba lenhloko yoMnyango wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha neMvelo, uDkt Thandeka Ellenson, ebelimele uNgqongqoshe walo Mnyango, uMnuz Siboniso Duma, ligqugquzele ukuthi yande imikhiqizo ethunyelwa kwamanye amazwe.
Lithe uma iKZN ingenayo imikhiqizo eyithumela kwamanye amazwe izosalela emuva kwezomnotho.
Iiveze ukuthi akufanele ukuthi amazwe aphesheya afike azokwakha izimboni kuleli bese ehamba nomnotho kodwa kufanele athenge impahla eyenziwe kuleli.
"Siyajabula ukuthi kosomabhizinisi abayohweba eCairo, kugcwele intsha nabesifazane, nabantu ababencishwe amathuba phambilini. Akufanele sithi ababencishwe amathuba ngoba kudala abamnyama babevalelwe ngaphandle," kusho uDkt Ellenson.