UVUTHA ungabaselwe umphakathi waseWewe, eShongweni Dam, eThekwini, kulandela isigameko sokudlwengulwa kwengane yentombazane eneminyaka emibili enkulisa ngeledlule.
Umgilwa kusolwa ukuthi udlwengulwe owesilisa oganwe amakhosikazi amabili anenkulisa kule ndawo ngoLwesithathu.
NgoLwesibili, umphakathi obudinwe ugane unwabu uhlanganyele kule nkulisa ufuna ivalwe kulandela isigameko osichaze njengesinengayo.
Ikhansela lendawo, uMnuz Luthando Jali, uthe umphakathi usibuka njengechilo lesi sigameko.
“Umphakathi udiniwe ngoba uyaqala ukubona amanyala afana nalawa endaweni. Ngesikhathi ngihambela kule nkulisa ngempelasonto, ngithe ayivalwe kodwa abanikazi bangishaya indiva,” kusho uJali.
Uthe ngesikhathi befika endaweni yesigameko namaphoyisa, bafune izithombe zamakhamera ezikhombisa ukuthi kwenzekeni ngosuku lwesigameko kodwa bashaqeka uma bethola ukuthi azikho.
“Zona zodwa ezangalolu suku azitholakalanga. Sitshelwe ukuthi amakhamera abengasebenzi. Sisola ukuthi bayisuse ngamabomu ukucisha ubufakazi,” kusho uJali.
Okunye okushaqisayo athe bakutholile, ukuthi amakhosikazi alona wesilisa osolwayo, athe akekho uthole umsebenzi eGauteng.
“Kuthiwa uwuthole ngosuku lwesigameko. Lokhu kuyasidida futhi kushiya imibuzo,” kusho uJali.
Likhuluma nonina kamgilwa Isolezwe, uthe ubone esesekhaya ukuthi umgilwa wehlelwe yinkinga.
“Ngifike enkulisa ngizomlanda ngiphuma emsebenzini, kwenzeka okungajwayelekile ngimfica elele. Ngiqale nganganaka, ngamthatha, ngambeletha, sagoduka. Ngifike naye endlini, ngambeka phansi, waqhubeka nokulala,” kusho unina kamgilwa.
Uthe kuphele isikhathi esingaphezu kwehora umgilwa elele, kwathi kusenjalo, wavula isikhwama sakhe sasenkulisa wakhangwa yiphenti lakhe ebelinokungcola okushiya imibuzo.
“Ngiye kuyena masinyane, ngamphenya kwesingezansi ngifuna ukubona ukuthi ngabe ulinyazwe yini ngoba ngimhambise enkulisa engenalutho. Ngibe sengizithela phezu kwesidoda esithweni sakhe sangasese, yilapho engisukume khona ngaya esibhedlela,” kuchaza unina kamgilwa.
Eqhuba, uthe enkulisa kukhona ubaba wekhaya namadodana akhe amabili, bonke abangasabonwa.
“Ubaba wakhona kuthiwa uthole umsebenzi, amadodana akhe akuchazwa ukuthi wona anyamalale ashonaphi,” usho kanje.
Uveze ukuthi kubuye kube khona abokufika (amaPakistani) aqashe isitolo kuleli khaya, wathi bona ababalekanga futhi bavule izandla bathi bazimisele ngokuya emaphoyiseni ukuyothathwa amasampula olibofuzo ukuze alekelele ophenyweni lwamaphoyisa nokuthi kuvele ukuthi bona bamsulwa.
Uthe cishe zingu-25 izingane ezigadwa kule nkulisa, wathi kuzona kukhona ezisagonwa kuphinde kube khona esezikhulakhulile.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uConstable Thenjiswa Ngcobo, uthe amaphoyisa aKwaNdengezi aphenya icala lokunukubeza ngokocansi emva kokuthi owesifazane esole ukuthi indodakazi (2) yakhe ihlukunyeziwe.
“Uqaphele ukuthi kukhona okungahambi kahle endodakazini yakhe emva kokuyilanda enkulisa,” kusho uConst Ngcobo.
UNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMphakathi uNkk Nonhlanhla Khoza, uthe sebethumele ithimba losonhlalakahle emndenini kamgilwa ukuyolekelela ngosizo lokwelulekwa ngokomqondo.
Uthe lizophinde liqoqe nolwazi olubalulekile, oluzosiza nasophenyweni ngesigameko.
Uqhube wathi ngokubambisana noMnyango wezeMfundo bazobhekisisa ukuthi inkulisa isebenza ngaphansi kwemigomo efanele yini ukuqinisekisa ukuphepha nenhlalakahle yezingane ezigadwa kuyo.
“Isigameko saloluhlobo siyakhathaza, sidweba nesithombe sobungozi okungafanele ingabe bukhona ezindaweni ezigcina izingane. Kufanele siqinisekise ukuthi buyenzeka ubulungiswa ngezgameko ezifuze lezi nokuthi kwenziwe konke okusemandleni ukuthi zingaphinde zenzeke,” kusho uNkk Khoza.