USUDLULISE ukuphatheka kabi kwawo umkhandlu wamabandla ngokudlula emhlabeni kukaMntwana wakwaPhindangene Inkosi Mangosuthu Buthelezi.
ISouth African Council of Churches (SACC) iphinde yadlulisa amazwi enduduzo kwiSilo, uMisuzulu Sinqobile kaZwelithini nakusona sonke isizwe samaZulu.
UNobhala wale nhlangano, uBhishobhi Malusi Mpumlwana uchaze ukukhothama kukaShenge njengokulahlekelwa okukhulu esizweni.
“Ubekade engumholi wabantu onesipiliyoni futhi ekhaliphile. Sikwazile ukugcina sinobudlelwane obuhle noMntwana,’’ kusho uMpumlwana.
Uqhube wathi umphefumulo kaShenge usuyohlangana nowenkosikazi yakhe (uMntwana u-Irene Buthelezi) nokanina uMntwana uMagogo kaDinuzulu.
“‘Ubengumuntu obethembekile kithina sonke njengabantu futhi lokhu sekusho ukuphela kwehlandla lakhe njengoNdunankulu kaZulu nomholi wabantu,’’ usho kanjena
Okhulumela ibandla lamaNazaretha elidume ngokuthi yiKwaShembe ohlangothini lwaseBuhleni, uMnuz Thokozani Mncwane, naye udlulise ukukhala kwabo.
UMncwabe uthe bayalila bonke beyibandla lamaNazaretha, akukhathaleki ukuthi ukuluphi uhlangothi lwebandla.
“Sizomkhumbula ngenhlonipho yakhe emangalisayo, engazibekile phezulu. Ngikhumbula simenyiwe emcimbini wesizwe seNkosi yakwaNgcobo naye ekhona uMntwana wakwaPhindangene, wayesiphakela sonke thina esasikade sihlezi etafuleni,” kuchaza uMncwabe.
UButhelezi ushone ngoMgqibelo. Ubeyilungu lokuqina lebandla laseSheshi eliyingxenye yeSACC.
UMfundisi Thulani Gwala ongusihlalo wenhlangano iHlangana Zayoni uncome uShenge ngobuhlakani abekade enabo.