KUPHOQELEKE ukuthi uxolise usoseshini wamatekisi waseMlaza, uMNR Umlazi West, kumgibeli okhubazekile okuthiwa waphathwa kabi wumshayeli wetekisi emehlisa ngesankahlu emotweni ethi umosha isikhathi uma egibela ngesihlalo.
Wayekhala nangokuthi uzobambezela abagibeli ngoba kufanele atatanyiswe uma egibela noma sekwehliwa.
UMnuz Mlungisi Zulu (37) waseMlaza uthe wazizwa ehla isithunzi ngoba lesi sigameko senzeka phambi kwabantu.
"Lolu daba ngifuna lwaziwe abantu bonke athathelwe izinyathelo umshayeli ngoba ubukela phansi abantu abakhubazekile, kodwa seluxoxiwe udaba ngiyajabula uma belibona iphutha labo," kusho uZulu.
Exoxa neSolezwe ephuma emahhovisi kasoseshini kuleli sonto, uthe ufuna kusizakale bonke abantu abakhubazekile ngoba uyazi ukuthi baphathwa kabi nsukuzonke ezimotweni zomphakathi.
USihlalo kasoseshini, uMnuz Mdu Xaba uthi kubaphathe kabi ukuzwa lesi sigameko, bayalibona iphutha lomshayeli baxoxile lwalungiswa udaba.
"Sikwazile ukufinyelela esivumelwaneni njengoba besiludingida njengobuholi udaba, siyakugxeka ukuphathwa kabi kwabagibeli," kusho uXaba.
Uthe uzophinde ambize uZulu emhlanganweni nobuholi besifundazwe ezokwethula lonke udaba ukuze babheke inkinga yokungabi nezimoto ezibhekelela abakhubazekile.
Uthe uma udaba luxoxwa umuntu okhubazekile oke wabhekana nenkinga kuyozwakala kangcono kunokuthi yena aluhambise yedwa.