ZIYAQONGA izinkinga zobuholi kwiNFP, abaholi abakhethwe engqungqutheleni yangonyaka owedlule, sebephenduke inkukhu nempaka.
UNobhala Jikelele, uMnuz Teddy Thwala, ufuna inhlangano eyengamele ukhetho, i-Independent Electoral Commission (IEC), ingabemukeli ubuholi akhethwa nabo engqungqutheleni eyayiseThekwini.
UThwala ufake isicelo esiphuthumayo eNkantolo eNkulu eMgungundlovu, lapho khona ekhala ngokuthi akuzange kulandelwe imigomo ngesikhathi bekhethwa.
UThwala ufuna isicelo sakhe silalelwe ngoLwesihlanu, okuwumnqamulajuqu obekwe i-IEC wokuba wonke amaqembu ezepolitiki alethe amagama abantu abazowamela.
Phezu kwecala elifakwe uThwala, kuphinde kube khona elifakwe usihlalo weNFP kwisifunda iTheku, uMnuz Sikhumbuzo Zulu, eNkantolo yezoKhetho.
UZulu naye ufuna ukuthi kuchithwe isinqumo se-IEC sokuvuma ubuholi obusha.
I-IEC isanda kuveza ukuthi izokwamukela ubuholi obakhethwa ngoDisemba, nokubuyise ithemba lokuthi iNFP izokwazi ukungenela ukhetho lwangoMeyi.
Emaphepheni asenkantolo, uThwala uveze ukuthi kunecala eliphonsela inselelo imiphumela yengqungquthela eyabakhetha.
"Icala lizolalelwa ngo-Ephreli 30. Mina nabanye esakhethwa siyakwamukela ukuthi akuzange kulandelwe imigomo ngesikhathi kuqhubeka ingqungquthela."
UThwala uthe kunganyomfeka izinhlelo zeNFP zokhetho uma i-IEC ingaqhubeka nokwamukela ubuholi obusha.
"Lokho kungasho ukuthi uhlu lwabazomela iNFP luzokube lugcwele abantu abakhethwe engqungqutheleni engekho emthethweni. Sebeqalile balungiselela ukuhambisa uhlu lwamagama. Kungaba nzima ukulungisa lo monakalo uma inkantolo isinqumo ukuchitha ubuholi obakhethwa ngonyaka owedlule."
UThwala uthe bafuna ukuthi i-IEC yamukele ubuholi besikhashana obebuhola iNFP ngaphambi kwengqungquthela yangonyaka owedlule.
UZulu yena ufuna ukuthi i-IEC yamukele ubuholi obakhethwa engqungqutheleni yango-2019.
Labu buholi bahlakazwa emva kwesinqumo seNkantolo eNkulu eMgungundlovu esathi yayingekho emthethweni ingqungquthela obakhethwa kuyo.
UZulu uthe ubuholi obakhethwa ngo-2019, kufanele budedelwe buqhubeke nokuhola iNFP ngoba busidlulisele phambili isinqumo sokuhlakazwa kwabo.
Uthe i-IEC akufanele yamukele ubuholi obakhethwa ngonyaka owedlule ngoba kusenecala elisenkantolo.
"Isinqumo se-IEC sizokwandisa izinkinga kwiNFP, nokuzokwenza ukuthi kube nzima ukubuyisana kwiNFP."
UZulu ufuna iNkantolo yezoKhetho ilalele isicelo sakhe ngokushesha.
UMengameli weNFP, uMnuz Ivan Barnes, uthe angakwazi ukuphawula ngalolu daba emva komhlangano wesigungu esiphezulu seNFP obuyizolo, ntambama.
Lo mhlangano ububizelwe ukuzobhunga ngala macala.