BAVUKE umbhejazane bavala umgwaqo ngamathayi avuthayo abahlala ehostela labesifazane, iThokoza, bekhala ngokungabi nagesi izinsuku eziyisishiyagalolunye.
Laba besifazane batshele Isolezwe ukuthi babone kungcono bangene emgwaqweni ngoba bazizwa benzelwa phansi wuMasipala weTheku.
UNksz Ntombi Mkhize ongomunye wabaseThokoza uthe: “Inkinga nje esinayo ugesi phaqa. Kusuka ngesonto eledlule, ugesi awukho. Wavele wahamba kubonakala ukuthi akukhona ukucishwa kokuwonga kodwa uhamba ngoba konakele ndawana thize. Kuze kube yimanje, awukho.”
Uthe ayikho inhlobo yokudla kwabo okuhlala emafrijini okungabolanga njengoba sekuhambe izinsuku eziningi kangaka ugesi ungekho.
“Bekusanda kuphele inyanga, sithenge kakhulu izinto ezihlala emafrijini. Zonke zibolile,” kusho yena.
Uthe sebekhalela ezitofini zegesi ukuze bakwazi ukulala bedlile nezingane zabo, wathi kwakhona lokho kuyingozi enkulu.
“Sihlala ngabathathu ezindlini, yilowo nalowo unegesi yakhe, siwabasa sonke, uma kungenzeka iphutha, kungenzeka isibhicongo sodwa,” kuqhuba uNksz Mkhize.
Omunye umhlali, uNksz Malindi Ngcobo, obebhandishe unyawo, uthe ubuya esibhedlela ukuyothola usizo kulandela ukushibilika kwakhe ephaseji laleli hostela.
“Ngibuya ebusuku emsebenzini, ngiwile, nganyela ngoba kumnyama emaphaseji,” kusho yena.
Uthe basaba nezifo ngenxa yokungcola okudalwa ukudla abakulahle emva kokukukhipha emafrijini, njengoba udoti ungalandiwe.
“Izimpethu zingcwele yonke indawo, zize zihambe ngisho ezindongeni. Sithe asiteleke ngoba mhlawumbe kuzokwazi ukuthi kusheshe kuzwakale,” kusho yena.
Bathe abakufunayo ukubuyiswa kukagesi.
Isolezwe lilizwile iphunga elixakayo, elikuhilayo uma umi ngaphandle kwaleli hostela.
Baveze ukuthi kuhamba ugesi nje ngesonto elandulela elokuhamba kukagesi, bebeke bahanjelwa amanzi, babiza ikhansela, langenelela, abuya.
Ikhansela lendawo, uMnuz Ntando Khuzwayo, elificwe yiSolezwe endaweni, lithe isikhalazo besiqala ukufika ezindlebeni zalo izolo, njengoba abahlali bese beteleka.
“Ngithole ukuthi ukhona olungisa ugesi obesefikile ukuzozama ukuwulungisa kodwa wathola ukuthi inkinga ikumasipala ngoba awunabo abasebenzi abazolungisa (ngenxa yesiteleka),” kusho uKhuzwayo.
Uqhube wathi useshayele oyinhloko yezagesi kumasipala, wathembisa ukuthi kukhona okuzokwenziwa ukulungisa isimo.
“Njengoba ngila, ngeke ngihambe ungalungisiwe,” kuphetha uKhuzwayo.