KUPHELE amahlathi oshayasibhamu bevinjezelwa amaphoyisa kuN3 phakathi kweVilliers neHeidelburg ngeSonto ebusuku.
Laba baziwa njengemigulukudu esebenzisa amalambu amaphoyisa aluhlaza ukuqhuba ubugebengu bokuduna nokugebenga abantu.
Laba bebelandelwa amaphoyisa ezinhlaka ezahlukene okubalwa kuzo iSAPS National Head Office Counter Intelligence, Secunda Crime Intelligence, Gauteng Tactical Response Team, Gauteng Anti-Gang Unit, DPC Tracking Team, Johannesburg K9, CAP Specialised Operations, Tracker Connect, ICB Insurance Crime Bureau, MZ Werke Security, Telesure Insurance Investigation kusukela eGrootvlei eMpumalanga.
Kuthiwa amaphoyisa aqale ukusola ngesikhathi ebona le moto ebihamba ngamalambu aluhlaza, aqala ukuyijaha.
Bathe sebebona abasolwa ukuthi balandelwa ngamaphoyisa banyusa isivinini bazama ukubaleka bangena eZonkizizwe, Ekurhuleni.
Ngokubika kwamaphoyisa, abasolwa bathe bebaleka babe bevulela ngenhlamvu bebhekise kuwo, nawo aphendula ngayo.
Bathathu abasolwa abafe ujuqu endaweni yesigameko, kwasinda oyedwa okwazile ukubaleka ngezinyawo.
Amaphoyisa athole izibhamu ezimbili ezingetho emthethweni nezinhlamvu kanjalo namalambu aluhlaza emotweni yabasolwa.
Imoto yabasolwa okuyiToyota Hilux inikelwe kwabeVehicle Crime Investigation Unit ukuze kuqhubeke uphenyo ngayo.