UKUDLULA emhlabeni kwelungu lomndeni abethembele kulona kakhulu nyakenye, akuzange kumnqinde amandla okuqhubeka nokuzikhandla, ungqeqe okwabachonywe uphaphe legwalagwala, ngenxa yokwenza kahle kumenyezelwa imiphumela ka-matric ka-2023.
UPhile Shange (18) waseMagabheni eMkhomazi obefunda eSidelile High ongomunye wabafundi abenze kahle njengoba bekukhishwa imiphumela ka-matric wanyakenye wathola nesimemo sikaNgqongqoshe weMfundo eyisiSekelo uNkk Angie Motshekga emcimbini wokuhlonipha abafundi abaphase ngamalengiso obusePitoli izolo. Ekhuluma neSolezwe uthe ukudlula emhlabeni kukamkhulu wakhe ngonyaka odlule kucishe kwamphazamisa ezifundweni kwazise bebesondelene, kodwa wavuka wazithatha. Uthe lokhu kungenxa yokuthi ukhuliswe yizaguga ezizala unina, emva kokushonelwa wunina okuthiwa kwenzeka esanda kumbeletha eminyakeni edlule.
Yize ebehamba noninakhulu kulo mcimbi, kodwa uthe akaphathekile kahle ngakho akakwazi ukukhuluma nabezindaba.
Uveze ukuthi ukuvuka ekuseni aye esikoleni ngaphambi kwesikhathi enzela ukuzilungiselela ngaphambi kokuqala ukufunda, ngenye yezinto ezimlekelelile.
“Uma ngibuya esikoleni, bengenza isiqiniseko sokuthi ngiyalala ntambama, bese ngivuka phakathi kwamabili ngifunde. Ukuthola imiphumela emihle kuyangijabulisa, kuyakhombisa ukuthi ukuzikhandla kwami kuthele izithelo ezinhle,” usho kanje.
Uthole o-dinstiction abayisithupha, kwi-English, IsiZulu, i-Maths, Physics, i-Geography ne-Life Orientation.
Ufake isicelo sokwenza i-Actual Science okuwumkhakha athe uyawuthanda, wathi ubengakazitholi izimpendulo ezivela emanyuvesi afake kuwo izicelo.
USimlindele Khumalo (19) wakwaCeza kuMasipala Ulundi, naye ungomunye wabafundi ababeke izikole abebefunda kuzo ebalazweni, ezidlela amahlahla ezifundweni.
Ushiye umphakathi wangakubo, umndeni, nothisha besikole abefunda kuso Ondini High beziqhenya ngaye.
Unina kaSimlindele, uNksz Sicelokuhle Khumalo, uthe indodana yakhe imshiya ehambela phezulu, eziqhenya. “Konke lokhu kungenxa yamandla kaNkulunkulu. Yingane yokuqala ukufika kwa-matric ekhaya, kodwa bekubonakala ukuzimisela kwakhe njengoba bekungesiyona ingane ehleze igqolozele i-tv noma ihlalele ucingo. Nokho angimangali, ubevele eyingane ehleze iphuma phambili esikoleni ngakho ubehlakaniphe sidalo,” usho kanje.
Izindaba zokuthola isimemo sikangqongqoshe, zenze ubuholi kuMasipala wasoNdini buholwa yiMeya uMnuz Wilson Ntshangase buhambele kubo buyomxhawula.
USimlindele uthe isifiso sakhe ukwenza izifundo zobudokotela kanti usevele wamukelwe emanyuvesi amathathu, wakhetha i-University of Cape Town ukuba enze kuyo izifundo zakhe kodwa ne-Wits University ne-University of KwaZulu-Natal bebevule izandla bemamukela.
“Bengizinikeza isikhathi sokufunda. Okungisize kakhulu ukugxila ekubuyekezeni amaphepha ayebhalwa eminyakeni edlule nokuyinto ebingenza ngihlale ngiqonde indlela okubuzwa ngayo. Okunye okungilekelelile ukuthi sifunde singamaqeqebana kanti othisha benze umsebenzi omuhle kakhulu ukusicija ngesikhathi kusondela izinsuku zokubhalwa kwezivivinyo,” usho kanje.
Ubenza i-Maths, Physics, i-Life Science, i- Accounting , isiZulu, English ne-Life Orientation.
Kuzothi namuhla uMphathiswa wezeMfundo kulesi sifundazwe uNkk Mbali Frazer. amemezele izikole nezifunda ezenze kahle kanye nezifundo eziphaswe kakhulu, emcimbini oseNkosi Albert Luthuli Convention Centre, eThekwini.