ISHINTSHE uhlelo iNkantolo eNkulu yaseMalawi, izolo, ngesikhathi ifinyelela esinqumeni sokuthi ofakazi baseNingizimu Afrika, kuzofanele kube yibo abaya eMalawi ukuyonikezela ngobufakazi babo ecaleni elibhekene noMfundisi uShepherd Bushiri noNkk Mary Bushiri.
Lokhu kusho ukuthi le nkantolo isiyasiguqula isinqumo esasithathwe yiNkantolo yeMantshi yaseLilongwe, eyathi ofakazi kuzofanele banikezele ngobufakazi babo bekhona lapha eNingizimu Afrika besebenzisa ubuchwepheshe be-internet.
Esinqumeni salo, iJaji Bruno Macdonald Kalemba lithe: “Ofakazi kuzofanele bethule ubufakazi babo siqu sabo enkantolo yaseMalawi ngalolo suku nangaleso sikhathi esizobe sibekwe yinkantolo.”
Ephawula ngalokhu, uBushiri uthe kudala ekhuluma ngokungaphatheki kahle kwakhe eNingizimu Afrika, ngaphambi kokuba abalekele kwelakubo eMalawi.
“INkantolo eNkulu eMalawi ifinyelele esinqumeni sokuthi ofakazi, empeleni labo abasibopha basivulela amacala, bafike siqu sabo eMalawi, ukuzohlonywa imibuzo ngabameli bethu,” kusho uBushiri.
Uqhube wathi: “Safika eMalawi sasho ukuthi siphathwe kabi kangakanani eNingizimu Afrika. Sivule amacala okuhlukunyezwa siwavulela abashushisi abasibopha ngonyaka owandulela ukuboshwa kwethu.”
Ngaleso sikhathi, uBushiri obenenqwaba yabalandeli esontweni i-Enlightened Christian Gathering (ECG), ikomkhulu lalo elalisePitoli ngaleso sikhathi, wathi usesinde kaningi kubantu ababezama ukumbulala.
Uthe baphinde basinda emizameni yokuthi babulawe nangemumva kokuthi sebevule amacala.
“Banawo ama-rekhodi ala macala emaphoyiseni, enkantolo nakwezobulungiswa esikholelwa ukuthi abalulekile kuleli cala,” kusho yena.
“Sisamukela ngezandla ezimhlophe lesi sinqumo senkantolo, kanti sibalindele enkantolo lapho sizolwela ilungelo lethu lokuthi sibahlome imibuzo (ngabameli) ukuze sithole ubulungiswa obufanele,” kusho yena.
Nyakenye, omunye wemindeni yabesifazane ababesole uBushiri ngamacala okudlwengula, wafunga wagomela ukuthi angeke aye eMalawi noma ngabe inkantolo yakhona iyamphoqa ukuthi ahambe aye khona ukuyonikezela ngobufakazi bakhe siqu sakhe. Igama lalona wesifazne ligodliwe umvikela.
Ngaphandle kwezinsolo zokudlwengula, uBushiri nonkosikazi wakhe bayafuneka eNingizimu Afrika ngamacala athinta inkohlakalo, ukushintshana ngemali ohlelweni oluthize lokutshalwa kwemali olubalelwa kwisizumbul usikaR100 million.
Laba baholi bebandla i-ECG, baboshwa eNingizimu Afrika, kwathi emva kokuthi bethole ibheyili, beqa, babaleka babheka kwelakubo eMalawi. Ngaleso sikhathi bakhala ngokuthi bazizwa bengaphephile eNingizimu Afrika.
Babekhishwe ngebheyili kaR200 000 umuntu emunye yiNkantolo yeMantshi yasePitoli, ngoNovemba 2020. Babekade beboshwe ngo-Okthoba, ngonyaka ofanayo.