USASHAQEKILE namanje umphakathi wakwa-J eMbali, eMgungundlovu, ngemva kwesigameko lapho iphoyisa kuthiwa lidubule izithandani zashona, lase lizidubula nalo lafa ngoMsombuluko.
Ngokusho komthombo ocele ukuthi ungadalulwa kulesi sigameko, kushone uNksz Musawenkosi Masinga, kwalimala isoka lakhe igama lalo elingatholakalanga, kwashona umsolwa uConstable Mququ obesebenza (naye igama lakhe elingatholakalanga) esiteshini samaphoyisa, iPlessislaer.
Umthombo uthi uConstable Mququ, okuthiwa ubesehlukene noNksz Masinga, uthekele endaweni yesigameko ehlome ngesibhamu.
“Ufice owesilisa endlini kaNksz Masinga. Waqala wavulela ngenhlamvu kowesilisa. Udlulele phambili kuNksz Masinga okuthiwa ubegeza endlini encane wamdubula, wathi uma eqeda wazidubula naye,” kusho umthombo.
Uqhube wathi owesilisa obeficwe endlini uzamile ukubaleka ngemva kokudutshulwa kodwa wawela ngaphandle komnyango. Wathi uNksz Masinga utholakale enqunu endlini encane futhi opha ekhanda, eseshonile.
“Umsolwa naye utholwe esethule egumbini lokuphumula (lounge). Naye ubopha ekhanda, ephethe isibhamu ngesandla,” kusho umthombo.
Uqhube wathi bekukhona incwadi yenkantolo evimbela umsolwa ukuthi asondele eduze kukaNksz Masinga, kodwa kuthiwa ubengayigqizi qakala kwaholela ekutheni aboshwe.
Omunye umthombo uthe, omakhelwane babize amaphoyisa emva kokuthi bezwe kuqhuba isibhamu emzini okwenzeke kuwo isigameko.
“Bathe uma bephuma bebheka, baqaphela ukuthi kukhona owesilisa obelele phansi ngaphandle komnyango. Baqaphele ukuthi akekho umuntu ophume wabaleka, base bethinta amaphoyisa,” kusho umthombo.
Uqhube wathi, athe efika amaphoyisa, agqekeza isango ngoba belivaliwe, angena abona wonke umonakalo.
Udalule ukuthi umufi wesifazane ubenguthisha kanti bekungumuzi wakhe lona abulawelwe kuwo kanti umsolwa ubeqashile endaweni.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Robert Netshiunda uthe amaphoyisa asePlessilaer, aphenya amacala amabili okubulala nelilodwa lokufa komuntu kulandela isigameko sokutholakala kwabathathu benamanxeba okudutshulwa ngoMsombuluko e-Unit J eMbali.
“Kusolwa ukuthi owesilisa udubule owayeyintombi yakhe, isoka lakhe (lo wesifazane), wabe esephendula isibhamu ezidubula naye. Isoka lowayeyintombi liphuthunyiswe esibhedlela kodwa lashona ngesikhathi lifika khona,” kuchaza uNetshiunda.
Uqhube wathi imbangela yokubulala ayikaziwa kodwa kusolwa udlame lwasekhaya.