UQHUBEKE sesimuncu isimo umshado wesintu KwaNgcolosi, eNdwedwe ngeSonto kulandela ukubulawa kwabane abadutshulwe ezintatha.
Abashonile oMnuz Bhekisisa Gcabashe okuthiwa ushonele emtholamphilo, oMnuz Msawenkosi Gcabashe, Moses Saziso Gcabashe noVeli Gcabashe obeyinduna yezinsizwa.
Kuthiwa kuphinde kwalimala abanye ababili, okuvela ukuthi baphuthunyiswe esibhedlela ukuyothola usizo lwezempilo.
Umshado bekungokaNksz Phumzile Gcabashe waKwaNgoza noMnuz Msizi Shangase waKwaNgcolosi.
Ngokusho kwesihlobo, uMnuz Khethonjani Gcabashe, bonke abagilwa abangasohlangothini lwakwamakoti.
Elandisa ngesigameko, uthe kungene umuntu wafaka inhlamvu ezinsizweni zangakubo kamakoti ebezilele endlini ebezihlaliswe kuyo kubo komkhwenyana.
“Zizamile izinsizwa ebezingaphakathi ukumbamba, kwavele kwaqhamuka omunye emnyango, naye wavulela ngenhlamvu kuzona,” kusho uGcabashe.
Uqhube wathi alukho nolunci olushiwo ngabahlaseli ngesikhathi bedubula.
“Bebedubula nje kuphela. Kushone abathathu enkundleni, oyedwa washonela emtholampilo eNdwedwe,” kulandisa uGcabashe, oveze ukuthi uMsawenkosi noSaziso bayizelamani.
Uveze ukuthi abahlaselwe bebelale endaweni yesigameko kulandela umshado omhlophe obusehholo lomphakathi endaweni.
Uthe yize besadidekile kodwa abakholwa ukuthi impi ibibhekiswe kwabebeshada njengoba kungahlaselwanga bona ngqo, kuhlaselwe abantu abasondelene nabo.
“Asazi noma yimpi esisuke nayo emuva esigodini esisuka kuso. Sididekile ngoba ayikho impi yezigodi esiyaziyo,” kusho yena.
Uthe njengoba isintu sithi umshado awuhlehli, uqhubekile yize bekungasemnandi.
“Ngikhuluma nawe nje, umakoti uyembesa esibayeni, kodwa sibi isimo, kumuncu kuwo wonke umuntu,” kusho uGcabashe.
IMeya yaseNdwedwe uMnuz Sam Mfeka uthe sibaphathe kabi lesi sigameko.
Uthe okubakhathazayo ukuthi zibukeka zanda izigameko zalolu hlobo.
“Kuke kwaba khona isigameko okwabulawa kuso amantombazane amathathu ehlaselwa adutshulwa, nawo ahlaselelwa ekhaya. Sikhona esinye isigameko sababulawa bezihlalele esitolo. Asisihle isimo,” kusho uMfeka.
Uthe umphakathi usathukile njengoba bekuqhubeka umshado wesintu esibayeni kwamkhwenyana, abantu babonakala ebusweni ukuthi abahlalisekile kahle.
“Abaningi bami izixongololo, bafisa sengathi kungasheshiswa okwenziwayo, kuhlakazekwe ngoba bazizwa bengaphephile,” kusho uMfeka.
Uveze nokuthi nasemgwaqweni obheke kwamkhwenyana, abantu bahambe bema beyixoxa le ndaba.
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal uColonel Robert Netshiunda, uthe amaphoyisa aseNdwedwe asephume umkhankaso athungatha abasolwa ababili abadubule babulala amadoda amane omndeni owodwa izolo.
“Ulwazi olusezandleni zamaphoyisa okwamanje luthi, bekuhlangene amadoda ngesikhathi kugasela abasolwa, bevulela ngenhlamvu. Abathathu bashonele endaweni yesigameko, amadoda amahlanu aphuthunyiswe emtholampilo wendawo, lapho okufike kwashona khona umgilwa wesine,” kusho uNetshiunda.