SEZIZINIKELE otshwaleni ngenxa yokhwantalala olwadaleka kubulawa uninomncane ebezithembele kuye, izingane ezingamalungu omndeni wowesifazane owasocongwa umkhwenyana wakhe oyiphoyisa emva kokuhilizisana ngo-2021.
NgoLwesihlanu, iNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu igwebe uThulasizwe Ambros Dladla (54) ngecala lokudubula abulale ingoduso yakhe uNksz Vuyisile Ndlovu (41), okwenzeka besemzini wabo KwaMpumuza, eMgungundlovu.
Ngesikhathi sokwenzeka kwesigameko, uDladla owayesesebenze iminyaka ewu-30 eyiphoyisa, kuthiwa wayesola umgilwa ngokuthi sekukhona omunye wesilisa ahlekisana naye futhi esethole ulwazi ukuthi benalowo makhwapheni bahlela itulo lokumsoconga.
UNksz Nomusa Ndlovu ongudadewabo kamgilwa ekhuluma neSolezwe emva kokugwetshwa kukaDladla, uthe bewumndeni bayasemukela lesi sigwebo yize singeke simvuse udadewabo futhi ukufa kwakhe kudale omkhulu umonakalo kumalungu omndeni njengoba kuselikhuni ukwamukela ukuthi akasekho.
“Iningi lethu ekhaya sesingena siphuma ezibhedlela ngenxa yokuhlaselwa yizifo ezingamahlalakhona emva kobuhlungu obukhulu esabuzwa kubulawa udadewethu. Izingane zethu ubezithanda futhi esondelene nazo kakhulu njengoba ubengenayo ingane ngakho bezethembele kuye kangangoba ezinye zigcine seziphuza utshwala zizama ukuziba isithombe sokwenzeka ngosuku lwesigameko, kanti kwesinye isikhathi uma sihleli kuvele kube sengathi uzongena endlini ngendlela okulukhuni ngayo ukwamukela ukufa kwakhe,” usho kanje.
Kuvele ukuthi uDladla nomgilwa ngesikhathi behilizisana, wadonsa isibhamu somsebenzi wamdubula amahlandla amathathu njengoba isidumbu sakhe kuthiwa sasinamanxeba okudutshulwa ekhanda, esifubeni nasemlenzeni.
Emva kokusoconga ingoduso yakhe okuthiwa wabe eseyilobole waqeda sekusele umgcagco, waphendula isibhamu wasibhekisa kuye ezama ukuzibuLala kodwa akangafa.
Phambilini ngesikhathi kuqhubeka ukuqulwa kwecala, ubufakazi obunekelwe inkantolo buveze ukuthi uDladla ubehlala ngokuyihlukumeza ingoduso yakhe kodwa imbekezelela.
Ngesikhathi inkantolo yehlisa isigwebo, ithe ngokubuka isikhathi uDladla abesesibenzile emaphoyiseni, bekungamele enze leli cala ngenxa yokuthi umsebenzi wakhe kuwukuvikela umphakathi.
Okhulumela uphiko oluphenya ngokuziphatha kwamaphoyisa i-Independent Police Investigative Directorate, uMnuz Phaladi Shuping, uthe basishayela ihlombe isigwebo esinikezwe uDladla.