ABACULI bakamaskandi bathe ukukhothama kukandunankulu kaZulu, iNkosi uMangosuthu Buthelezi, kwenze ukuthi bazibone besele dengwane.
Ngokukhothama kukaButhelezi abaculi bakamaskandi bathe balahlekelwe umuntu obebalwela.
Lokhu bakusho ngesikhathi beyovela kwaButhelezi.
Abaculi bakamaskandi abahambele KwaPhindangene kubalwa uSipho “Thwalofu” Khoza, Thokozani Langa, Khuzani Mpungose, Ntencane, ,Buselaphi Buthelezi-Gxowa, Dumisile kaManana Mthalane weMithente, Saliwa, Sgwebo Sentambo, Gqizile, Njoko, Falabo, Malahle nabanye.
UThwalofu uthe kuningi uButhelezi abekwenzela abaculi bakamaskandi.
“Njengoba kuguqe uShenge asisokuba nayo indoda ezosimela. UShenge ubesimele njengamaciko futhi esilwela.”
UThwalofu uphinde wancoma iqhaza likaButhelezi ekuletheni intuthuko emiphakathini.
“Sinamanzi nogesi nje kungenxa yakhe uShenge. Kuningi akwenzele abantu bakuleli.”
ULanga uthe kuningi abebekufunda kuButhelezi njengamaciko.
“Ubewushukela kithi. Kumnyama ezweni. Ngiyaye ngithi kungcono uma ekhaya kufe ukhamba ngoba luphenduka udengezi, kushiswe impepho. KuShenge ngeke kwenzeke okufanayo. Luchithekile ubisi.”
ULanga uyingxenye yabaculi bakamasikandi abasanda kukhipha ingoma eduduza umndeni wakwaButhelezi.
ULanga uthe abazikhaleli nje bona bengamaciko kamasikandi kuphela kodwa bakhalela isizwe sonke.
“UShenge ubema entweni uma ekholelwa kuyona, angakhathaleli ukuthi iningi liya ngakuphi. Noma inqwaba ingathini ubema kulokho akholelwa kukho. Sinemibuzo yokuthi kazi uyokuba khona yini oyofana naye? Kazi ubani ozomela uZulu? Kazi ubani ozoba nesibindi, angabi ivaka? Ngibuza lokhu ngoba ngiyazi ukuthi sesaphila ngobuvaka ngenxa yenkece.”
UKaManana Mthalane uncome iqhaza likaButhelezi ebukhosini bukaZulu.
Uthe uButhelezi usiphathe ngobunono isikhundla sikandunankulu kaZulu njengoba kwenza uyise, Inkosi uMathole Buthelezi kanye nokhokholozi wakhe uMnyamana kaNgqengelele.
UKaManana Mthalane uthe kubaphatha kabi ukuthi kukhona abantu abakhuluma kabi ngoButhelezi.
“Kuningi okungekuhle okushiwo ngaye. Lezi zinto ezikhulunywayo azisilo iqiniso. Mina umlando ngiyawazi ngoba yizo zonke lezi zinto engikhuluma ngazo.
Abaculi bakamasikandi bakhalise umndeni wakwaButhelezi ngenkomo.
Bangene KwaPhindangene behuba amahubo akwaZulu, bekhuza neziqubulo.
Abanye babo bebevunule beconsa, bephethe nezinduku.