IZAKHAMIZI zaseMariannhill zivuswe wukuduma kwezulu lezandla ngoLwesithathu ekuseni eDesai, eMariannhill ngesikhathi amaphoyisa egasela lapho obekuhleli khona abasolwa ngokuba yizigebengu ebezihlalise lubhojozi umphakathi kule ndawo.
Ngokwesitatimende samaphoyisa, bayisishiyagalolunye abasolwa abafe ujuqu kanti babili abasathungathwa.
Laba bebefunelwa amacala ahlukene okubalwa kuwo ukudlwengula nokubamba inkunzi emizini yabantu.
“Kuthiwa abasolwa bahlasela kubo kwale ntombazane bezogebenga maqede bayidlwengula beshintshana ngayo umama wayo ekhona,” kusho uColonel Robert Netshiunda okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal.
UCol Netshiunda uthe uphenyo lwamaphoyisa luveze ukuthi laba basolwa bebehlela ukuyosoconga umuntu ngoLwesithathu, yilapho anqume ukubavimbezela ngesikhathi ezwa ukuthi bahlangene emzini okhona kule ndawo.
Emzini okwenzeke kuwo isigameko amaphoyisa aveza ukuthi athole izibhamu ezine okukhona kuzo nesikhulu.
Amalungu emindeni yabasolwa okuvele ukuthi bangabasendaweni afikile ezohlonza izidumbu zababulewe. Uphenyo lwamaphoyisa luyaqhubeka.
Kubonakale kufika izimoto ezithatha izidumbu, kuphuma nabantu behlengezela izinyembezi lapho okudutshulwe khona abasolwa abayisishiyagalolunye eMariannhill. 🎥 Khulekani Maseko pic.twitter.com/FdCesayqEV
— Isolezwe News (@IsolezweNews) April 3, 2024