UPHENYO lweCompetition Commission luveza ukuthi basakhishwa inyumbazane abalimi abancane abamnyama emakethe kaR53 billion, yokudayiswa kwezithelo namaveji.
Kuleli sonto iCompetition Commission iveze ukuthi akukho ukuncintisana okuhle emakethe yokudayiswa kwezithelo namaveji ngoba izitolo ezinkulu ezilawula intengo yokudayiswa kwezithelo namaveji.
IPhini likaKhomishana weCompetition Commission, uMnuz Hardin Ratshisisu, lithe imakethe yokudayiswa kwezithelo namaveji ingenisa uR53 billion eNingizimu Afrika. Wathi kuleyo mali kukhona uR21 billion ongena ezimakethe zamaveji ezinkulu, noR32 billion ongena ezitolo zokudla ezinkulu.
Udalule nokuthi izitolo ezinkulu ziyasebenzisana ekutheni zilawule intengo yamaveji nezithelo. Yikho okwenza kungabikhona ukuncintisana okuhle.
URatshisisu uqhube wathi nezinkampani ezikhiqiza imbewu nezikhiqiza umanyolo nezinye izinsiza zolimo kufanele zehlise intengo yemikhiqizo ngoba ukubiza kwayo kukhiphela abalimi abancane ngaphandle.
Ukhale ngokuthi umanyolo namanye amakhemikhali asetshenziswa kwezolimi alandwa phesheya. Uthe izitolo ezinkulu ziyasebenzisana ukulawula intengo yegilosa futhi azikho izitolo ezincane ezingena ezinxanxatheleni zezitolo ukuze kuzoba nokuncintisana okuhle.
Uphakamise ukuthi izitolo kufanele zivulele abalimi abancane imakethe futhi zilungise nemithetho ebakhiphela ngaphandle abalimi abancane.
Uthe akukho ukuncintisana okuhle phakathi kwabalimi ngoba abancane abakwazi ukungena ezimakethe ezidayisa amaveji nezithelo ngoba kuwu-1% kuphela wemali eyenziwa kulezi zimakethe engena emaphaketheni abalimi abancane.
Baye baphenya ukudayiswa kwamazambane, u-anyanisi, izaqatha, iklabishi, utamatisi, ispinashi, amagrebhisi, ama-orintshi, ubhanana, amapheya namagrebhisi.
URatshisisu uthe abalimi abancane babuye babe nenkinga yokuthola usizo lwezimali ngenxa yokuthi abanawo amanzi okuchelela amaveji nezithelo zabo njengabalimi abamhlophe.
Ugqqugquzele abantu ukuthi baphawule ngalo mbiko beze nezincomo ngokuthumela i-email ku:[email protected]
Izinhlangano zabalimi azitholakalanga ukuphawula ngalo mbiko njengoba zithe zisazowufunda kahle ngaphambi kokubeka imibono yazo.