SEKUQALIWE ukuqondiswa ubugwegwe kwezitshudeni zaseNyuvesi i-Unisa, ezibhekene nezinsolo zokukopela nokubhala into efanayo ngesikhathi sezivivinyo zanyakenye.
Le nyuvesi iveze ukuthi iphenya amacala evile ku-1400 okukopela ngesikhathi kubhalwa izivivinyo kusetshenziswa uhlelo lwezobuchwepheshe.
USolwazi Ramagoai Magano, iphini lomphathi wale nyuvesi obhekele ukuthuthukiswa kwesikhungo, uveze ukuthi seziqalile izigcawu zokuqondisa ubugwegwe kulabo abakopela.
Uthe ezinye zezitshudeni zinikwe izexwayiso ngoba bezenze amacala angatheni ngesikhathi zibhala.
“Ngalezi zigcawu zobugwegwe sihlose ukuphothula amacala abalelwa ku-1 456 athinta ukukopela.
“Siqale ngenyanga edlule ngoMashi 25 lanti ngesonto sbheka amacala angu-75,” kusho uMagano esithangamini sabezindaba kuleli sonto.
Akuqali ukuthi kubikwe izinsolo zokukopela kwezitshudeni uma kubhalwa izivivinyo kule nyuvesi.
Izitshudeni sezike zakhala nge-Invigilator App esetshenziswayo uma kubhalwa izivivinyo.
UMagano uthe amacala amaningi athinta izitshudeni ezenza i-Postgraduate.
Uphinde weluleka izitshudeni ezihamba isigcawu sobugwegwe ukuthi zibhalise ukuze zingazitholi sezibambezeleka uma uphenyo luzikhipha phambili.
“Asinazo izinhlelo zokubuyela ohlelweni lwakudala siyinyuvesi lokuthi kubhalwe izivivinyo ezindaweni ezazibhalelwa kuzona. Simile ohlelweni lwezobuchwepheshe esilusebenzisayo,” kusho uMagano.
Phambilini umkhandlu wezitshudeni wawukhale ngezinkinga ohlelweni lokubhalwa kwezivivinyo okwakuvezwa yizitshudeni.
Umengameli womkhandlu wezitshudeni e-Unisa uMnuz Nkosinathi Mabilane, phambilini wathi kusukela ngesikhathi sobhubhane iCovid-19, inyuvesi yanquma ukuthi kubhalwe ngohlelo lwezobuchwepheshe kusetshenziswa i-App.
Wakhala ngokuthi le-App okuthiwa icosha yonke into engumsindo uma ubhala, inazo izinselelo njengoba izitshudeni zazikhala ngokuthi uma kucishwa ugesi nezinye izinto kuba nokubambezeleka ukwenza izinto.
UMabilane wathi zingaphezu kuka-5 000 izitshudeni ezabanjwa ukuthi zakopela izivivinyo zangonyaka odlule, ezinye zathanjiselwa isigwebo ngoba zaziqala ukubhala.
Uthe kwasala ezinye ezibalelwa ngaphansi kuka-2 000, ezase zibanjwa okwesibili zikopela ezizoshushiswa.
Unobhala jikelele womkhandlu wezitshudeni kule nyuvesi uMnuz Aphiwe Dlamini, unxuse isikhungo ukuthi sisheshise isigcawu sobugwegwe ukuze izitshudeni zazi ngekusasa lazo.
“Sicela ukuthi okungenani lezi zigcawu kushaye uJuni seziphothuliwe ukuze izitshudeni zazi ukuthi kumele zenzenjani. Kukhona izindawo lapho kusadingeka kulungiswe khona izinto enyuvesi,” kusho uDlamini.
UMagano uthe asisikhulu isibalo sabakopelile wathi nangesikhathi kusabhalelwa ezindaweni ezahlukene ayebikwa amacala okukopela kanjalo nalabo ababhale into efanayo.