UNGQONGQOSHE wezeMfundo KwaZulu-Natal, uNkk Mbali Frazer, uthe akanalo uvalo ukuthi izincwadi nokuhambisana nazo ngeke kufinyelele ngesikhathi ezikoleni njengoba sekuqalile ukuhanjiswa kuzona.
Uthe kuzothi kuvulwa ngosuku lokuqala ngonyaka ozayo, kushe umshikashika wokufunda nokufundisa.
UNkk Frazer uthe behla kahle ubuthongo kuye ngoba uyazi ukuthi akukho okuzophazamisa ukuhanjiswa kwezinsiza ezikoleni.
“Anginalo uvalo lokuthi kuzoba nezinkinga ekuhanjisweni kwezincwadi nokuhambisana nazo ezikoleni zesifundazwe. Uqalile umsebenzi wokuhanjiswa kwazo njengoba ngizibonele esikhungweni okugcinwa kuso izincwadi.”
Ukusho lokhu ehambele eNdabase Printing Solutions, eManzimtoti esikhungweni okugcinwe kuso izincwadi okuzofundwa ngazo ngonyaka ozayo.
UNkk Frazer uphawule kanje emva kokuba nezinkinga ohlelweni lokudla ezikoleni zesifundazwe ngenxa yokuhluleka kwenkampani ebithole umsebenzi wokukuhambisa ngesikhathi kwezinye izikole.
UNkk Frazer uthe ezikoleni abazihambisela izincwadi kukhona yonke into, okubalwa okubala, amapeni, okokunamathisela amaphepha, ama-instruments ezibalo, amaphepha nezinye izinto eziningi.
“Abafundi akudingeki ukuthi bathenge izinto ngoba zikhona. Kukhona o-2 quire, izinto ze-Maths ngisho nasezikoleni zabakhubazekile size sibe nezihlalo ezihamba ngamasondo.”
Umnikazi weNdabase Printing, uMnuz Thanda Nyide, uthe uNkk Frazer nezikhulu zomnyango kumele bakhululeke ngoba akukho okuzophazamisa ukuhanjiswa kwezincwadi.
Uthe banesipiliyoni ekwenzeni umsebenzi futhi akukaze kuduke, noma kutholakale kulahlwe ngisho incwadi eyodwa.
“Ungqongqoshe nenhloko yomnyango uMapholoba (Nathi Ngcobo), abagxile ohlelweni lokufunda nokufundisa, thina eyezincwadi siyibhekele.”
Uthe izinhlelo zabo ziqinile, asikho isikole abangafinyeleli kusona uma sebenza umsebenzi.
UNgcobo ukuchithile ukuthi baphuca iqatha izikole ebezizithengela izincwadi njengoba bona bethengela ezingu-Section 20.
“Asiphuci muntu iqatha. Thina sifuna ukuthi izikole ziveze ukuthi izincwadi zithengiwe, sibe nobufakazi. Uma izincwadi zingathengiwe kulezi zikole, kugxekwa umnyango akube kusabhekwa ukuthi bekumele zona zizithengele.
Okubaluleke kakhulu kithina ngabafundi. Uma uhluleka ukuthenga izinsiza, thina sizokuphuca amandla, sizenzele lowo msebenzi,” kusho uNgcobo.